Abasolwa abahlanu kwabayisikhombisa okunguLindokuhle Mkhwanazi, Lindani Ndimande, Eddie Myeza, Mziwethemba Gwabeni noLindokuhle Ndimande,bachitha cishe izinyanga ezintathu belwela ibheyili kodwa baphumelela.
Image: Se-Anne Rall/IOL
KUHLEHLE ingqungquthela eyandulela ukuqulwa kwecala lokubulawa kukaKiernan “AKA” Forbes nomngani wakhe ongumpheki uTebello Tibz Motsoane enkantolo eNkulu eThekwini.
NgoLwesine, abammangalelwa abahlanu kwabayisikhombisa okunguLindokuhle Mkhwanazi, Lindani Ndimande, Eddie Myeza, Mziwethemba Gwabeni noLindokuhle Ndimande bavele enkantolo.
Ngesikhathi kuqhubeka icala ngoLwesine ekuseni, kuvele ukuthi bonke abammangalelwa bazomelwa ngu-Advocate Cyril Mlotshwa elekelelwa ummeli uSibusiso Dlamini.
UMlotshwa, owake waba ngumqondisi wezokushushiswa komphakathi eKZN, ubengekho enkantolo njegoba eseSwatini, lapho emele khona izelamani zakwaNdimande.
Laba ngabasolwa ababili abasele kuleli cala, okulindeleke ukuthi babuyiswe eNingizimu Afrika, ukuze bahlanganyele nabammangalelwa abahlanu.
Lezi zinsizwa zakwaNdimande zidlule isinqumo senkantolo yeMantshi yaseSwatini sokubuyiswa kwabo kulel ngo-August nyakenye, kodwa abashushisi bombuso baphikisa ngokuthi isicelo sasiyize njengoba bekholelwa ukuthi asizange sifakwe ngesikhathi.
Inkantolo ephakeme yaseSwatini ayizange ivumelane nabo, ngakho abashushisi badlulisela icala eNkantolo Ephakeme Yokudluliswa Kwamacala ngoLwesine.
Lokhu kuphoqe ukuthi kuhlehliswe ingqungqithela yezendlalelo zokuqulwa kwecala eliqhubekayo eThekwini kuze kube ngu-Juni 12 nonyaka.