Izindaba

Ligwetshwe odilikajele abane ikhansela elangqongqisa umndeni walo nendlu eBergville

Nonkululeko Nhlapo|Published

Ligwetshwe kanzima ikhansela uMichael Buthelezi elabulala umndeni walo eBergville

Image: FACEBOOK

Owayeyilungu leDemocratic Alliance (DA) uKhansela uMichael Buthelezi ugwetshwe odilikajele abane eNkantolo yesiFunda yaseMnambithi ngoLwesihlanu, 30 Meyi 2025 ngemuva kokutholakala enecala lokubulala isinqandamathe sakhe nezingane ezintathu emzini wakhe eBergville ngo-Okthoba 2023.

Waphinde wagwetshwa iminyaka engu-15 ebhadla ejele ngamacala amabili okuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho nokushisa.

Inkantolo ilalele ukuthi uButhelezi ushise uphathina wakhe uKhombisile Nyoka (41), indodakazi yakhe uLubanzi Buthelezi oneminyaka engu-12, indodana yakhe uZigizendoda Buthelezi (9) kanye nendodakazi yakhe yokugcina uNksz Sibingele Buthelezi (2) bonke ngokushisa indlu enamagumbi amabili ababelele kuyo.

Ngemuva kokuthi icala lithathwe wuphiko oluphenya amacala okubulala kwezepolitiki, uButhelezi washintsha isitatimende sakhe watshela amaphoyisa ukuthi usola owayeyisoka likaKhombisile ngokujikijela ibhomu endlini.

Uphenyo olunzulu lwamaphoyisa luveze ukuthi uButhelezi wabulala umndeni wakhe eyedwa futhi ubufakazi obuqanda ikhanda buye benza ukuthi inkantolo ikhiphe isigwebo esiphezulu.