IKHANSELA ebeligadwa ngamaphoyisa kamasipala amabili adutshulwe afa eqaphe umuzi walo eBhambayi ngoMsobuluko ebusuku, likholwa wukuthi ababulali bebezohlasela lona.
UMnuz Sthe Zulu uthe ubengakalali ngesikhathi amaphoyisa, okushaye isikhathi sokushicilela engakatholakali amagama awo, abesevenini yawo ebime esangweni lomuzi wakhe ebulawa aphucwa nezibhamu zawo.
Uthe bekunomsindo sengathi kukhona oqongqotha imoto ngokuthile ngasesangweni ngaphambi kokuthi kuqhume isibhamu.
“Ngemuva komsindo kuqhume isibhamu amadoda amabili edubula amaphoyisa. Ngemuva kokudubula abe esedubula ebhekise endlini, angazi ukuthi aphazanyiswe yini abaleka ngemoto. Ngizizwa ngingaphephile kakhulu kunakuqala uma abantu abakuqeqeshelwe ukuvikela bebulawa ngale ndlela behlomile,” kusho uZulu.
Uthe amaphoyisa anikezwa wona abesefana namalungu omndeni wakhe ngenxa yokuthi bese kunezinyanga eziyisishayagalolunye esebenza ngokushintshana ubusuku nemini emgada emzini wakhe.
FUNDA:
Kudutshulwe kwabulawa amaphoyisa aqapha ikhansela
“Ngo-2017 kube nezivuvaba eziningi abantu abebekhala ngezidingo bemashele emzini wami, besabisa ngokungenzakalisa. Kwaze kwabonakala ukuthi lokhu kumasha kuyingozi kimi nasemndenini wami. Ngabikela umasipala kwase kwenziwa ucwaningo olwathola ukuthi kumele ngigadwe ngamaphoyisa nonogada ubusuku nemini. Amaphoyisa abulewe abenza lowo msebenzi eshintshana namanye. Kubuhlungu ukubulawa kwawo, kufana nokuthi kubulawe amalungu omndeni,” kusho uZulu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Thulani Zwane, uthe amaphoyisa asePhoenix avule amacala amabili okubulala nelokubamba inkunzi emuva kokuthi kubulawe amaphoyisa kamasipala amabili kwase kuthathwa izibhamu zawo.
Uthe bekungakaboshwa muntu kodwa amaphoyisa asaphenya.
Okhulumela amaphoyisa kaMasipala weTheku, uSenior Superintendent Parboo Sewparsard, uthe balahlekelwe kakhulu ngokubulawa kozakwabo obese kunesikhathi beyibambe emaphoyiseni e dolobha.
Uthe womabili amaphoyisa abulewe - elendoda (58) nelesifazane (37) - abesebenza esiteshini samaphoyisa kamasipala esiseVerulam.
Uthe indoda ibisineminyaka engaphezulu kuka-30 iyiphoyisa owesifazane eneminyaka ewu-15.
“Ngokubambisana namaphoyisa iSAPS sisungule ithimba eliqale umkhankaso wokufuna ababulali nezibhamu abazintshontshile. Ngeke siphumule zingakaboshwa lezi zigilamkhuba,” kusho uSewpersard.
IPhini leMeya yeTheku, uNkk Fawzia Peer, inxuse amaphoyisa ukuthi enze konke okusemandleni ukuthi izigilamkhuba ezibulale amaphoyisa zitholakale.
“Ukubulawa kwamaphoyisa kungukubukela phansi uMbuso. kumele zijesizwe kanzima. Ukubulawa kwawo kuzoshiya isikhala esingeke sivaleke ngokushesha emaphoyiseni.”