KUQHUME isililo enkantolo kumalungu omndeni wowesifazane waseNorthdale eMgungundlovu, owabulawa ngesihluku yisoka lakhe eliyiphoyisa, ngesikhathi licela uxolo emndenini eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu, izolo.
USipho Chonco (35), waseGreytown, esebhokisini lofakazi izolo ucele ukuxolelwa ngokubulala ngesihluku uNksz Wendy Dlamini (29) owatholwa ebulewe ngo-Ephreli 15 2018.
Amalungu omndeni kamgilwa, azwakale ekhala , aze aphuma enkantolo.
Lesi simo siphoqe ukuba inkantolo ime kancane ukulalela uChonco, obezicelela ukuba isigwebo azonikwa sona sibe sincane njengoba esevele elahlwe icala lokubulala uNksz Dlamini.
Kubuye kwaqhubeka, abomndeni wakwaDlamini abebekhala sebephumile enkantolo.
“Emndenini wakwaDlamini ngithanda ukuzehlisa, lokhu kwenzeka ngokushesha ngelanga lesigameko, ngangingaqondile ukumbulala, kwaba iphutha. Imina engafika ngazocela kinina ukuba ngakhe umuzi nendodakazi yenu, ngicela ningixolele. Ngiyazi ukuthi ngeke ngisambuyisa umufi kodwa ngiyafisa ukuthi ngelinye ilanga nikwazi ukungixolela,” kusho uChonco.
Ummeli wakhe u-Advocate Thabiso Khazi, ecelela uChonco isigwebo esingcono uthe uyazisola ngakwenzile futhi ufisa ukubuyela emphakathini ayokhulisa izingane zakhe ezinhlanu. Ingane yakhe nomufi eneminyaka emithathu manje uthe ufisa ukuphuma ejele ayoyichazela ukuthi kwenzekani njengoba agcina ebulale unina.
Umshushisi, u-Advocate Dorain Paver uthe akulona iqiniso ukuthi uyazisola uChonco kodwa uzicabangela yena yedwa.
“Ukuba uyazisola ngabe uvume konke enkantolo ngokwenzeka, kumanje uyaqhubeka nokuthi wayebanga isibhamu nomufi wabe esedubuleka. Uqhubeke nento inkantolo esivele iyichithile. Kumanje umndeni kamufi uze waphuma enkantolo ukhala kodwa uyaqhubeka nokuphikelela nokungaphumeli obala ngokuthi wambulala kanjani umufi. Ufanelwe udilikajele kuleli cala. Wena wabulala umuntu, wafonela umndeni wakhe ukuba uzolanda isidumbu owawusishiye sodwa eceleni komgwaqo, awuzisoli nhlobo ngowakwenza,” kusho uPaver.
Usonhlalakahle owahlola isimo sikaChonco, uMnuz Muzikhona Msomi, uthe isigwebo sokubhadla ejele simfanele ngoba izingane zakhe ezinhlanu bakhona abazozinakekela, nobunzima becala ubona kufanele ajeze ngoba akazisoli ngakwenza.
Ijaji lithe lisadinga ukucubungula isinqumo ngokushiwo, bese egwetshwa ngoLwesithathu oluzayo uChonco.