ABESILISA abahlanu abagwetshwe odilakejele ngamacala okubulala abangu-8 eGlebelands. Kusuka kwesobunxele; uBongile Mabele, Siyamthemba Zintenteni Mthwana, Nkosayikhethi Njeya, Bongani Patrick Mboyiyana noSibusiso Mkhonde
Image: NKOSIKHONA CELE
BAGIXATSHEZWE ngodilikajele abangu-8 abesilisa abahlanu abalahlwa ngamacala okubulala abangu-8 ehostela eGlebelands. Abagwetshiwe ngoBongile Mabele (36), Siyamthemba Zintenteni Mthwana (32), Nkosayikhethi Njeya (43), Bongani Patrick Mboyiyana (41) noSibusiso Mkhonde (43).
Ababulawa kulesi sigameko ngoMnuz Phakamani Lukhozi owadutshulwa ngezinhlamvu eziwu-15, uThamsanqa Helman Shongwe owadutshulwa ngezinhlamvu ezintathu, uMpilo Christopher Khumalo owadutshulwa ngezinhlamvu ezine, uBongani Petros Mkane owadutshulwa ngezinhlamvu ezintathu, uLungani Sikobi owashaywa ngezinhlamvu ezimbili, uYandisa Ennox Msungubali owashaywa ngezinhlamvu eziyisikhombisa, uNkululeko Freedom Lukhozi owashaywa ngezinhlamvu ezine, uMxolisi Comfort Mthethwa yena owashaywa ngezinhlamvu ezimbili.
Bonke ababulawa bahlaselwa behlezi ndawonye esigamekweni esenzeka ngoJuni 2023, kulona leli hostela.
Umnyombo wokubulawa kwalaba kwavela ukuthi kwakuyimibango yemibhede. Kuthiwa abalahlwe yicala babenza inzuzo ngokutholela abantu imibhede. Umbhede ngamunye kuvela ukuthi wawubiza u-R6 000. Kuvela ukuthi babedayisa imibhede yabantu bekhona, bebaphoqe ukuba bahambe, uma begoloza babebasusa ngenhlamvu endleleni yabo.
Balahlwe amacala angu-8 okubulala nokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni, umuntu ngamunye. Ecaleni lokuqala lokubulala iJaji uMokgere Masipa, lithe ngeke lehlise isigwebo sikadilikajele. Ligcizelele ukuthi ngeke inkantolo imane igudluke ngenxa yezizathu ezingathi shu.
"Kwicala lokuqala lokubulala nonke nginigixabeza ngesigwebo sikadilikajele,'' lisho kanje.
Ecaleni lokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni, lithe libagweba iminyaka engu-10, kwaba engu-5 ecaleni lokutholakala nezinhlamvu. Zonke lezi zigwebo ijaji lithe bazozidonsa kanye kanye.
Lithe uma kunecala elinesisindo ngalolu hlobo kubhekwa umenzi wecala, umenziwa kanye nomthelela walo emphakathini. Lithe lawa macala ayekade ehleliwe futhi ehlelwa ngabantu abangenandaba nabanye abantu. Liqhube lathi abamangalelwa babambisana ngenhloso yokuhlela itulo lokusocongwa kwabafi.
Likhale ngonya olwakhonjiswa kusocongwa abafi. "Kuyabonakala ukuthi ngesikhathi kwenziwa lokhu kwakwenziwa ngesikhulu isihluku futhi ningenandaba nempilo yabanye abantu," lisho kanje.
Likhale ngokungazisoli kwabo bonke abalahlwe amacala, libuza ukuthi bayaphi onembeza?Ngesikhathi ijaji liwisa isigwebo, kubonakale sengathi abakugqizi qakala obekushiwo njengoba bebheke phansi sabantu abangezwa ukuthi kuthiwani.
Ummeli wabo uzamile ukubancengela, ebeka izizathu ezahlukene kodwa kwanhlanga zimuka nomoya, kwacaca ukuthi umane uvika ucelemba ngesandla.
Laba bagwetshwa nje, kuke kwaba nezikhawu lapho ebebepheka bethulula abameli bekhala ngokungabethembi.
Uhlangothi loMbuso laze lwazwakalisa ukunengeka lisola laba ngokudlala umjikajo nomacashelana nenkantolo.
Izolo, uMshushisi uRakesh Singh, unxuse inkantolo ukuba laba ibanikeze isigwebo esinzima ngesenzo sabo. Ngaphambilini, kwake kwaqhuma isililo kuleli cala ngesikhathi amalungu omndeni wabafi ekhala ngokuhamba ngonyawo lonwabu kwaleli cala.
Bekuthi njalo uma bevele enkantolo kugcwale phama uma bengena enkantolo baphakamise izandla bebingelela abalandeli babo ebebehlezi begcwele enkantolo. Kodwa izolo, kuse ngokunye njengoba enkantolo bebeyidlanzana abebezobaseka. Imindeni yezisulu ibingasalubhadi enkantolo.
Related Topics: