UMUFI uMnuz Simanga Khumalo owabulawa esehamba nge-wheelchair eMlaza
Image: SITHUNYELWE
BALAHLWE yicala abesilisa ababili ababulala owesilisa waseMlaza, owayehamba nge-wheelchair.
USiyabonga Ngubane (36) nomngani wakhe uSithembiso Khomo (23), bebebekwe icala lokudubula babulale uMnuz Simanga Khumalo (29) owayedume kakhulu ngelikaKatsande. Kuvela ukuthi umufi wahlaselwa wadutshulwa engaphandle kwakubo kwa-Q, eMlaza, evakashele ugogo wakhe ngezithuba zantambama, ngoMashi 28 ngonyaka odlule.
Ngesikhathi icala lisenkantolo yeMantshi eMlaza, uNgubane yamchitha ngesikhathi ecela ibheyili ikhala ngokuthi izizathu zakhe kazizwakali, kwathi uKhomo inkantolo yamvumela.
Bebebhekene namacala amahlanu okukhona kuwona elokwakha itulo nokuhlela ukubulala, elokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni kanye nelokutholakala nezinhlamvu.
Umufi ubesehamba ngesihlalo esinamasondo ngemuva kokuba adutshulwa okokuqala ngo-2021 ecaleni okwaboshwa kulona umlisa owaziwayo, okwakukholakala ukuthi uyena ogcine ethumela izinkabi esejele, ukuba zizoqeda ngomufi ukuze zicishe ubufakazi.
Enkantolo ngaphambilini kwahlaluka ukuthi umufi ngaphambi kokuba abulawe wayelokhu ethola izinsongo ezazivela kumuntu ongaziwa, emxwayisa ngokuthi akasule icala lokudutshulwa kwakhe lango-2021, uma efuna ukuqhubeka nokudla anhlamvana.
Umufi kuthiwa wakhubazeka ngesikhathi abathile bembamba inkunzi engena kubo, bamshaya ngenduku yegalofu ngaphambi kokuba bamphuce ifoni yomsebenzi. Kuthiwa umufi wabikela unina wase ehamba naye eyobikela unina kamsolwa ngokwenzekile, kodwa kuthiwa umsolwa kwathi uma ebabona wangabuza lutho wamane wamdubula kwaba wukugcina kwakhe ukukwazi ukuzihambela ngezinyawo umufi.
Izolo iJaji uRadebe uchaze laba ababili njengabantu abanonya abenza into bazi kahle ukuthi bahloseni ngayo.
'Naba nobabili endaweni eyodwa ngesikhathi esifanayo nihlose ukwenza into engeyinhle kumuntu ongenacala.''
URadebe ukhale ngokuthi laba bahubhuze amanga enkantolo bezama ukuzivikela wancoma uMbuso ngokuthi ukwazile ukuvezela inkantolo ubuqiniso bokuthi ngempela laba yibona ababulala umufi.
''Nobabili nginithola ninecala lokubulala,'' kusho uRadebe.
Ecaleni lokutholakala nesibhamu nelokutholakala nezinhlamvu limkhiphe phambili uKhomo, lathi abukho ubufakazi obuqinile obumyamanisa nalokho. Ummeli kaKhomo umcelele ukuba aphindele kubo izolo njengoba ebengaphandle ngebheyili kodwa uRadebe wakuchitha lokhu wathi ngeke adedele umuntu oselahlwe yicala elibucayi lokubulala.
Ilungu lomndeni kamufi lithe bathobeke amanxeba ngokuthi laba ababili balahlwe yicala lokubulala.
Lithe kodwa bazizwa bengenwa ngamanzi emadolweni ngoba kabazi ukuthi yini ecatshangwa yilona osevele ungaphakathi, okunguyena owayekade ethumele laba ukuba babulale umufi.