UMNDENI kaHHP uthi usaqedelela imininingwano yokugcina ngaphambi kokufaka amaphepha okuphikisa isinqumo senkantolo esibeke uLerato Sengadi njengenkosikazi walo mculi osanda kufihlwa.
Okhulumela umndeni wakwaTsambo, uMnuz Nkululeko Ncana, uziqinisekisile izindaba zokuthi bazosiphikisa isinqumo senkantolo.
Lo mndeni usele nezinsuku eziwu-10 ukuphikisa isinqumo seNkantolo eNkulu eSouth Guateng, sokuthi uHHP (Jabulani Tsambo) washada ngokwesintu noLerato.
Inkantolo yakhipha lesi sinqumo ngoLwesihlanu odlule, ngaphambi komngcwabo waleli ciko okwathiwa kumele uqhubeke nakuba uLerato wayecele ukuthi umiswe.
UNcana uthe uLerato bazomuvulela necala lokungena ngokungemthetho emzini kaHHP oseRandpark Ridge eGoli. Kuthiwa ngalolo suku uLerato waxosha indodana kaHHP ngokunjalo nobengumsebenzi wakhona. ULerato wayichitha le mibiko wathi kudicilelwa phansi isithunzi sakhe.
Isazi samacala athinta imndeni sithe makhulu amathuba okuthi abakwaTsambo balinqobe leli cala.
“Leli cala laqulwa enkantolo yamacala aphuthumayo, ngakho ijaji lalingaphansi kwengcindezi ukuthi likhiphe isinqumo ngoba umngcwabo wawungakusasa. Ngenxa yengcindezi, kungenzeka ukuthi kunezinto angaziqondanga kahle,” kusho u-Advocate Thabo Seneke.
Uthe ukwethulwa kukamakoti emndenini womkhwenyana, okuthiwa akwenziwanga kumshado kaLerato, ingxenye ebalulekile yomshado wesintu.
“Kunendima edlalwa ukwethulwa kuka makoti kulolu hlobo lomshado. Iphutha elenziwa abaningi ukuthi abawuqondi lo mthetho (womshado wesintu)” kusho uSeneke. Uqhube wathi ushaye eceleni kakhulu uJaji Ratha Mokgoathleng kulolu daba ngesonto eledlule.
“ULerato usevunyelwe ukuthi ahlomule ezintwnei zikaHHP ngendlela engalungile. Usengene emzini wakhe angakwazi ukuwudayisa, ancishe indlalifa yakhe (indodana kaHHP eneminyaka ewu-14) amafa ewafanele,” usho kanje.