Izindaba

Kwethulwe abazolungisa imigwaqo eyamosheka ngezikhukhula

Khulekani Maseko|Published

UNGQONGQOSHE wezokuThutha ukuPhepha nokuXhumana koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, ekhuluma emcimbini wokwethula osonkontileka abazolungisa umgwaqo u-P242 noR603, eLovu, izolo Isithombe: SITHUNYELWE

UMNYANGO wezokuThutha KwaZulu-Natal wethule osonkontileka abazolungisa kabusha imigwaqo, uP242 no-R603, eThekwini, eyacekeleka phansi ngezikhukhula zango-Ephreli ezashiya kukhalwa.

Uhlelo lokwakhiwa kabusha kwale migwaqo, obelwethulwa wuNgqongqoshe walo mnyango izolo, uMnuz Sipho Hlomuka, kuthiwa kulindeleke ukuthi ludle u-R210 million.

Ekhuluma nabezindaba, uHlomuka uthe le migwaqo ehlanganisa izindawo okubalwa kuzo KwaMakhutha, eLovu nase-Adams uhulumeni ufuna isheshe ilungiseke ukuze isimo sibuyele kwesejwayelekile.

“Ngalezi nhlelo zokwakhiwa kwale migwaqo, abantu bakithi bazohlomula kakhulu njengoba kuzodaleka amathuba omsebenzi, kuqashwe abantu bendawo okubalwa kubo abantu abasha, abesifazane nabantu abadala nje abakhona. Kodwa futhi sithe siyafisa ukuthi onjiniyela bashiye abantu beqeqeshekile,” kusho uHlomuka.

Uthe kufakwe imali engu-R180 million ekulungisweni komgwaqo, u-P242, no-R24 million emgwaqweni u-R603. Uthe bakuvezile kosonkontileka ukuthi kungajabulisa ukuthi umsebenzi wokwakhiwa kwale migwaqo uphothulwe ezinyangeni eziyisithupha kuphela.

Umcimbi wokwethulwa kosonkontileka ubuhanjelwe yizikhulu kuMasipala weTheku obekukhona kuzo uSotswebhu omkhulu kulo masipala, uMnuz Thembo Ntuli, ubuholi bendabuko, amalungu omphakathi nabemboni yamatekisi.