Izindaba

Kwenyuswe izinga lokucima kukagesi ngempelasonto

Khethukuthula Sangweni|Published

IZIPHATHIMANDLA ze-Eskom zithi kube nesidingo sokufaka isigaba sesithupha sokucinywa kukagesi ngenxa yokushoda kwamandla ezikhumulweni zabo Isithombe: SIGCINIWE

KWENYUSELWE esigabeni sesithupha ukucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga kule mpelasonto nokuyinto eyoze ibe ngcono ngoMsombuluko. I-Eskom imemezele ukuthi ukucima kukagesi esigabeni sesithupha kuqale ngoLwesihlanu emini ngo12.

Kulindeleke ukuthi kuqhubeke njalo kuze kube wu-5 ekuseni ngoMsombuluko. Ukungena esigabeni sesithupha kusho ukuthi ugesi usuke uzocima izikhawu eziningi uma kuqhathaniswa nesigaba sesibili esejwayelekile.

Abe-Eskom bathi lokhu kudalwe wukushoda kwamandla kagesi okuphoqe ukuthi kube nemizamo eyenziwayo ngokushesha. Izinkinga ezihlasele i-Eskom zilokhu ziqhubeke njalo futhi ukucinywa kukagesi sekwahlonzwa njengenye yezinto eziphazamisa umnotho wezwe.

I-Eskom ithe kubuhlungu kakhulu nakuyona ukuthi izithola yenza lesi simemezelo, yacela ukubekezelelwa yathi izobuye imemezele uma kunesidingo noma kuba noshintsho.