Izindaba

Kwengezwe amanye amacala kosolwa ngokudlwengula ephindelela

Zimbili Vilakazi|Published

Isithombe: Theo Jeptha/ African News Agency(ANA)

KUPHINDE kwengezwa amanye amacala amane kowesilisa osolwa ngoxhaxha lwamacala okudlwengula.

Lona wesilisa obevele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, izolo, uvele ubhekene namacala okudlwengula amabili.

Emacaleni amabili nokuyiwo ambophisa, kukhona kuwo abagilwa, oneminyaka engu-14 nonengu-32.

Umshushisi, uMnuz Charles Ntimane, uthe emva kohlelo lokukhonjwa kukamsolwa ngabanye abagilwa okwenzeke ngoLwesihlanu, kwengezwe amanye amacala amane.

Uthe lokhu kuze emva kokuthi abagilwa abane bemkhombile umsolwa.

Ummeli kamsolwa, uMnuz Ayanda Mkhwanazi, uthe okwamanje amacala abekwe umsolwa ayisithupha.

Lokhu ukusho nakuba uMbuso uke wakuveza phambilini ukuthi ulibofuzo lukamsolwa lumyamanisa namacala okudlwengula alinganiselwa ku-17 okwamanje.

UMkhwanazi uthe ulwazi olukhona akukafaneli ukuthi luhlanganiswe nomsolwa ngoba imiphumela yolibofuzo ayikabuyi.

Icala lihlehliselwe uLwesihlanu lapho kulindeleke ukuthi umsolwa afake khona isicelo sebheyili.

Umsolwa wabanjwa ngamaphoyisa asebenza ngaphansi kophiko lodlame umndeni, ukuvikelwa kwezingane namacala athinta ucansi, eNanda, ngoJanuwari 30.

Ngokwesitatimende esakhishwa ngamaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, wathi lona wesilisa usolwa ngokudlwengula abesifazane abangu-19 kusuka ngo-2008.

Kuthiwa ubesebenzisa indlela efanayo yokulutha abagilwa.

Kuthiwa ngendlela engasolisi, wayebacela ukuthi bamphelezele aye eSiphingo.

“Phakathi kwezizathu ayezibeka, wayethi akayazisisi kahle indawo noma azame ukuba wusizo kumgilwa uma embona ukuthi ukhathazwa ngokuthize,” kusho uLt Col Gwala.

Wathi babegibela amatekisi kuthi uma befika eSiphingo, abatshele ukuthi udinga ukuyolanda imoto yakhe emzini othize khona endaweni.

Wathi babehamba ngezinyawo ibanga elilinganiselwa kumakhilomitha amathathu ngaphambi kokuba baqhamukele endaweni eyihlathi lapho ayefike abajikele khona, abaklinye, abadlwengule bese ebaphuca izinto zabo ezibalulekile.