USUHLALELE emthandazweni umndeni womholi we-IFP, uDkt Mangosuthu Buthelezi, ngenxa yokugula kwenkosikazi yakhe esiqede amasonto amabili isegunjini labagula kakhulu esibhedlela.
UNdlunkulu Irene MaMzila Buthelezi kuthiwa ungeniswe esibhedlela saseMpangeni sekukubi ngoJuni 30.
Lokhu kudalulwe yindodakazi yakhe, uMntwana uPhumzile Buthelezi, ngesikhathi ethintwa yiSolezwe izolo.
UMntwana uphawule kanje ebalisa entathelini ngabantu baseDumbe be-IFP abamkhuluma kabi ngoba bemsola ngokuthi ulwa nabaholi abathile abathi ucabanga ukuthi bafuna isikhundla sikayise sokuhola i-IFP.
“Sisaba ngisho ucingo oluvela esibhedlela ngoba asazi ukuthi sizozwani ngomama. Selokhu engeniswe esibhedlela ngoJuni 30 ulaliswe egunjini labagula kakhulu. Ngakho kungiphatha kabi ukuthi sekunabantu asebefuna ukungihlambalaza emaphephandabeni. Thina ekhaya sigulelwa wumama ngakho angikwazi ukuthi sengingabhekana nobuhlungu bokuqanjelwa amanga ekubeni ngisabhekene nalobu,” kusho uMntwana uPhumzile.
Uthe indlela unina agula ngayo useze wayobonwa ngisho yiSilo samaBandla siphelezelwa wuNdlunkulu uMaNdlovu.
ISilo sivakashe esibhedlela ngaphambi kokuba nomhlangano noMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa.
UMntwana uPhumzile uthe ngisho uMntwana waKwaPhindangene uphatheke kabi ngesimo sokugula kukaNdlunkulu uMaMzila.
Ngo-2012 uNdlunkulu uMamzila wangeniswa esibhedlela sekukubi ngenxa yokuxinwa yisifo sikashukela.
UMntwana uPhumzile ubalisa kanjena emuva kokuhambela umhlangano obuseDumbe wokugcoba amaziko e-IFP ngeSonto .
Kuthiwa ufike wathi kumele aqalwe phansi ngoba iningi lawo liyizipoki.Kuthiwa ubethuka labo abaphikisana nemibono yakhe wakhomba abaholi abathile ethi useyazi ukuthi bafuna isikhundla sikayise.
Eziphendulela uthe yena ubeye emhlanganweni ngoba ecelwe ubuholi.
Uthe ufice izinto zonakele kangangokuba amagatsha asegcotshiwe ayisishiyagalombili kuphela kwawu-68.
Umholi wesiyingi saseDumbe, uNkk Dudu Masondo, uthe kuyiqiniso ukuthi izinto kazihambi kahle ngoba kunabantu abakhethwe emazikweni bengazi.
“Kunabantu esithole ukuthi bakhethwe besemakhaya bengasitshelanga ngaleyo mihlangano. Abanye bebekhethwa bengaphethe ngisho amakhadi nobulungu beqembu. Yikho sithi njengobuholi akuqalwe phansi,” kusho uNkk Masondo.