AKWAZIWA mbhantshi kujiya ngodaba lukaNgqongqoshe wezeMpilo, uDkt Zweli Mkhize obhekene nezinsolo ezinzima ngethenda yezokuxhumana ebize R150 million. Ithenda okukhulunywa ngayo yatholwa yinkampani yezokuxhumana, iDigital Vibes. Abahlaziyi bezepolitiki banemibono ehlukene ngodaba lukaMkhize oluyindaba egudwini. Kunombiko wabaphenyi beSIU olindelwe ngabomvu, nokuyiwona ozocacisa ngeqhaza likaMkhize.
Umhlaziyi wezepolitiki uMnuz Xolani Dube, ongaphansi kweXubera Institute for Reasearch and Development, uthe ukwesula kukaMkhize kungase kufane nokuvuma icala. “Uma ewuqonda kahle umdlalo wepolitiki kakufanele avele asule nje ngokushesha ngoba angase aboshwe uma kunjalo. Okulandela lapho kuyobe kuphelile ngaye kwezepolitiki. Nginazo izinsolo zokuthi kunepolitiki phakathi lapha,’’ kusho uDube.
USolwazi Bheki Mngomezulu naye ongumhlaziyi wezepolitiki, uthe uMkhize angasula enzela ukusheshe ahlukane nokukhuluma nomsindo.“Yinkulu ingcindezi ekhona manje, angase esule kodwa akufanele aphume aphele nasePhalamende. Kufanele aqhubeke ahlale khona ebe epholisa ikhanda. Lokhu kuyobe kumnika amathuba okuthi abuye ngelinye ilanga kwesobuholi,’’ kusho uMngomezulu.
Omunye umhlaziyi uMnuz Thabani Khumalo, uthe izinsolo ngoMkhize ziqhamuke ngesikhathi esibi lapho enza kahle ekulweni neCovid-19. “ Indlela ayibambe ngayo impi yeCovid-19 uzifakile kubantu, baze bathi abanye kufanele athathe isikhundla esikhulu futhi kuzokhumbuleka wake waliphosa igama esigqokweni kuyiwa eNasrec. Kuzoba nzima ukubuyisa isithunzi sakhe emuva kwalesi sivunguvungu adlula kuso,’’ kusho uKhumalo. UKhumalo uthe yisimo esinzima uMkhize kwaseke wabhekana nazo.