USEKHULULEKILE owesifazane waseManzimtoti obenovalo lokuthi akazi ukuthi kuzokwenzekani uma eficwa wukufa njengoba enezincwadi zomshado ezikhomba ukuthi unabayeni ababili.
UNkk Ernestina Nkabinde, owumfelokazi ka-Edward Muziwenkosi Masinga owashona engozini yemoto ngo-1990, ubesola uMnyango wezaseKhaya ngokuthi ngemuva kokushona komyeni wakhe wanikeza enye indoda enegama, isibongo nosuku lokuzalwa okufanayo nokomyeni wakhe inombolo kamazisi yomyeni wakhe, maqede ‘wamshadisa’ nayo le ndoda, ekubeni yena wabuye washada noMnuz Duncan Themba Nkabinde ngo-1997.
UNksz Nkabinde bese kuphele iminyaka emine egqigqa eMnyangweni wezaseKhaya ezama ukulungisa lolu daba kulandela ukushayelwa yibhange ucingo ngo-2014 lithi lizodla imoto yakhe uma engasikhokheli isikweleti sikaMasinga okwathiwa akasasikhokheli.
Uthe abasebhange bathi lokhu bazokwenziswa wukuthi bashade umshado ohlanganisa amafa.
Uthe wabatshela ukuthi uMasinga washona kudala yena wabuye washada kodwa kwanhlangazimuka nomoya kwaphetha ngokuthi bamthumelele umazisi okwafakwa ngawo isicelo sokuboleka imali.
Konke okukulo masizi uthe wathola ukuthi kuyefana nokomyeni wakhe owashona kodwa isithombe esomunye umuntu abathi ikheli lakhe likhomba ukuthi uhlala eGoli.
Leli phephandaba libhale udaba lukaNkk Nkabinde nyakenye.
“Bese kuphele iminyaka emine kulokhu kuthiwa angilinde ngizoshayelwa ucingo kwesinye isikhathi kuthiwe angilethe ubufakazi bokuthi umyeni wami washona ngempela. Bekubuye kuthiwe angifake isicelo sokuthi ‘abulawe’. Bengihlale nginovalo lokuthi uma ngingashona le nto ingakalungiswa kuzokwenzekani. Ngemuva kokuphuma kodaba ephephandabeni abasebenzi basehhovisi elisePark Ryne basukumele phezulu. Ngilinde izinyanga ezinhlanu, kweyesithupha kwathiwa sekulungile. Ngijabule kakhulu ngokuxazululeka kwale nkinga,” kusho yena.