ABUSEHLI ngishp ubuthongo egade ucingo lwamaphoyisa unina wosana oluntshontshwe ngowesifazane ahlangane naye emtholampilo.
UZama Dlamini (17) waseHopewell, eMgungundlovu, uthe ngosuku lwesiphithiphithi seBlack Friday ngenyanga edlule, uhlangane nowesifazane emtholampilo oku-East Street eMgungundlovu wazichaza njengomuntu osiza abesifazane ngezipho zezingane.
Owesifazane, athe unsundu ngokwebala, wayegqoke ingubo ebubende. Uthi wangena wabingelela bonke omama bezingane, wakhombisa uthando ezinganeni.
UZama uthe yikho okwenza wangamxwaya wamethemba nangendodakazi yakhe, uSthandwa ebinezinsuku ezintathu izelwe.
USthandwa untshontshwe egqoke irompa ephuzi, egoqwe kahle nangebhayi eliphuzi. “Okubuhlungu wukuthi beyingaguli ingane yami, besiyoyikala iyobhekwa nokuthi ikhula kahle yini emuva kokuphuma esibhedlela.
Lo sisi wafike wangibuza isibongo sami, wathi naye ngowakwaDlamini, wabuza yonke imininingwane yengane. Waqala wachaza ngezipho, wathi masibe siyoyibhalisa ngoba umhlengikazi wezingane kuthiwa usayothenga izinto zeBlack Friday.
Endleleni wacela ukungishintsha ayiphathe yena ingane, sithe sesidlula kwesinye isitolo wathi ubona ingubo afuna ukuyithengela ingane kadadewabo, masingene ngaphakathi,” kusho uZama.
Yilapho agcina khona ukubona ingane yakhe nalo wesifazane.
“Wayikhetha kahle ingubo wanginika uR50, wathi ngibambe ulayini ngiyoyikhokhela, wayelokhu ekhona ewumuntu obheka nezinye izingubo. Emuva kokukhokha kangizange ngisambona, ngamfuna isitolo sonke ngaze ngahayiza kakhulu. Kwavalwa isitolo, wafunwa kwasho ukuthi ubesekade ehambile. Namaphoyisa abizwa kwaze kwavalwa kwayothandazwa. Afika azama ukumfuna nokulandela umkhondo wamakhamera kodwa wangatholakala,” kusho uZama.
Ephetha uthe kubuhlungu okumehlele, ngisho umndeni wakhe uphithene amakhanda, noma ekhuluma ubala amagama ezama ukubamba izinyembezi ngenxa yobuhlungu abuzwayo.
Uninakhulu kaZama, uNkk Phumzile Zuma-Mtolo, uvele wahlengezela izinyembezi ngesikhathi kukhulunywa naye.
Uthe selokhu kwalahleka indodakazi yomzukulu wakhe kakuvumi ngisho adle, usehlala ebambe ibhade.
“Ngikhuluma nawe ngilele, kakwenzeki lutho. Selokhu kuntshontshwe le ngane sididekile lapha ekhaya, kasimgxeki noZama ngoba usemncane ubeqala nokuthola ingane ubengazi ngalobu bugebengu. Uma kungatholakala ingane yomzukulu wami ngingaba ngcono kakhulu,” kusho uNkk Zuma-Mtolo.
Amaphoyisa asiqinisekisile isigameko sokwebiwa kosana.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe kuvulwe icala lokuthumba emuva kokuthi usana olunezinsuku ezintathu luzelwe kusolaka ukuthi luthathwe kunina emtholampilo ongasemgwaqweni uChurch.
“ Idokodo lophenyo libe selidluliselwa ophikweni lwamaphoyisa aphenya ngamacala emindeni, awezingane nahlobene nocansi ukuze kuqhutshekwe nophenyo, “ kusho uCol Mbele.