AMASELA aphazamise izinhlelo zokubhala izivivinyo zokuphela konyaka ngokweba impahla intengo yayo elinganiselwa kuR120 000 esikoleni samabanga aphezulu eMlaza ngempelasonto.
Othisha nabafundi baseZwelibanzi High izolo baqale isonto ngezindaba ezibuhlungu zokuthi ngempelasonto kugqekezwe isikole kwebiwa amakhompyutha.
Uthishanhloko, uMnuz Sibusiso Maseko, uthe utshelwe ngoMgqibelo ekuseni ukuthi kugqekeziwe esikoleni.
“Kugqekezwe iComputer Lab kwebiwa amakhompyutha awu-19, amaLaptop ayisihlanu neProjector. Kusale amathawa kuphela esingazi noma nawo basazowalanda yini. Yize sike sigqekezelwe kodwa lokhu kusethuse kakhulu ngoba mkhulu umonakalo. Lokhu kusiphazamisile ngoba ngenyanga ezayo umatric kumele ubhalele izivivinyo ze-Information Technology. Kasazi sizowathathaphi amakhompyutha,” kusho uMaseko.
Uthe unogada wesikole usebenza emini kuphela futhi naye ukhokhelwa ngemali yabazali. IZwelibanzi, enye yamaTechnical Schools, inezifundo eziphelele zobuchwepheshe.
Kusolwa ukuthi izigebengu zingene ngefasitela ngoba ezinye izintambo zamakhompyutha zitholwe zilenga khona.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo, uMnuz Kwazi Mthethwa, uthe badumele ngokwenzeke eZwelibanzi. Ukugqekezwa ezikoleni yinkinga yomphakathi wonke.
“Sisathumele abahloli ukubheka umonakalo owenzekile nokuthi yikuphi esingasiza ngakho. Ukuphepha ezikoleni kuseqhulwini kuNgqongqoshe wesifundazwe, uMnuz Kwazi Mshengu. Kusasa (namuhla) ungqongqoshe uzokwethula uhlelo lokuphepha ezikoleni ukuze sibheke nezikole ezidinga onogada,” kusho uMthethwa.
UCaptain Nqobile Gwala, okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uthe kusolwa ukuthi izigebengu zingene ngefasitela esikoleni zantshontsha amakhompyutha. Kusaphenywa kodwa akukaboshwa muntu.