UNGQONGQOSHE wezokuThuthukiswa koMphakathi kuleli, uNkk Lindiwe Zulu, ethula ubufakazi esigcawini seKhomishini yamaLungelo abantu ephenya ngezibhelu zangoJulayi Isithombe: Facebook
SIMPHIWE NGUBANE
“KULULA ukuhlohla umuntu oswele ukuthi enze okuthile ngoba omunye uze abeke impilo yakhe engcupheni, angabi nendaba ngisho angadutshulwa.”
“KULULA ukuhlohla umuntu oswele ukuthi enze okuthile ngoba omunye uze abeke impilo yakhe engcupheni, angabi nendaba ngisho angadutshulwa.”
Lokhu kushiwo wuNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi kuleli, uNkk Lindiwe Zulu, ngesikhathi ethula ubufakazi esigcawini seKhomishini yamaLungelo aBantu ephenya ngezibhelu zangoJulayi ezadlula nemiphefumulo yabantu abangu-342.
UNkk Zulu, obethula ubufakazi ngekhompyutha ekwakhe lapho egonqe khona emva kokuhaqwa yiCovid-19, uthe kubavule amehlo bewuhulumeni okwenzeka.
Uthe ababesekhaleni lemibhikisho yintsha engasebenzi okwenza kwaba lula ukuthi abaphehli bayo bayigovuze kalula, yagcina isivuke udlambedlu yagcwala izitolo itapa.
Uthe izibhelu zabashiya nemibuzo okumele bayiphendule bewuhulumeni ukuthi ngabe umnotho, ubudlelwano bezwe namanye amazwe, ezokuthutha, ezempilo nezemfundo empeleni okukabani?
Uthi kwamphatha kabi ukubona amaphoyisa ecekela phansi ukudla okwakusolakala ukuthi kutatshwe ezitolo ekubeni kusekhona abantu abalala bengadlile eNingizimu Afrika.
Uthe bavuleka amehlo babona ukuthi konke uhulumeni akwenzayo kumele abeke phambili okufunwa ngabantu ngaso sonke isikhathi. Ubalule nokuthi uhulumeni kumele enze ngakho konke okusemandleni ukuvimba ukuthi kungaphinde kwenzeke isimo esifuze esezibhelu zangoJulayi.
Uthe intsha engasebenzi eGateng ingu-5.8 million, KwaZulu-Natal iwu-3.7 million. Uthe kwacekelwa phansi izikhungo zamaposi ezingu-21 ikakhulukazi esifundeni Ugu, eMgungundlovu nasoLundi.
Nakuba u-90% wabantu wawusuyiholile impesheni kuqala izibhelu, uNkk Zulu uthe ingcosana yakhinyabezeka ngoba kwacekelwa phansi nama-ATM kwaphoqeleka ukuthi bavale amahhovisi abo, amanye ayesebelwe impahla nengqalasizinda.
Uvumile ukuthi uMthethosisikelo wezwe ungomunye wehamba phambili emhlabeni kodwa wathi abantu bacwile obubheni, endlaleni futhi abasebenzi.
Ubalule ezomnotho kuleli athe azivulelekile, zivuna iqeqebana labantu abathize. Usho nokuthi kunezingane ezaboshelwa ukutapa okwadinga bangenelele bewumnyango ukuze zikhululwe.
Kulandele iNhloko yoKlebe kuzwelonke, uLieutenant General Godfrey Lebeya, eyethule ubufakazi bayo yathi ophenyweni abasalwenzile akukho okukhomba ukuthi kwakuvukelwa uMbuso ngezibhelu.
Uphikile ukuthi emacaleni angu-12 abawaphenyayo nezigcawu zophenyo ezingu-12 abazenza ngezibhelu, kunelungu lezobunhloli, amaphoyisa noma amasosha aphenywayo ngeqhaza abalibamba ekuphehleni udweshu.
ULebeya uthe wawuyoba lula umsebenzi woKlebe ngezibhelu ukube bahlinzekwa ngolwazi ngabezobunhloli. Uthe oKlebe babopha abantu abayisikhombisa ngezinsolo zokususa uthuthuva olwaholela ezibhelwini.
“Ukhona omunye osolwa ngokuphehla udweshu ngezibhelu esimbophile izolo (ngoLwesibili) ozovela enkantolo engakapheli amahora angu-48 eRoodepoort, eGauteng. Singaziqinisekisa izakhamuzi ukuthi siyawaphenya la macala.
Uvumile ukuthi uyalithwala icala ngokuhluleka kwamaphoyisa ukwenza okwenele ukuvikela izimpilo zabantu nempahla ngesikhathi sezibhelu uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal.
ULieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi uthe amaphoyisa awakwenzanga okwanele ukuvikela abantu ngezibhelu njengoba kusho uMthethosisekelo wezwe.
Uthe kodwa ngeke amaphoyisa alithwale icala lokubulawa kwabantu abangu-36 ePhoenix ngoba akwenziwanga yiwona. Uthe alikho iphoyisa elama labukela kwenziwa izivimbamgwaqo.
Uvumile ukuthi kunamaphoyisa amabili ayesathwasa (reservist) axoshwa embuthweni okwatholakala ukuthi ayesebenzisana nababevale imigwaqo ePhoenix futhi asebenzisa nezibhamu zomsebenzi.