UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa kuleli uMnuz Bheki Cele usehlabe isinqumo senkantolo eyanikeza abakwaBushiri ibheyili kulandela imibiko yokuthi babalekile kuleli babuyela eMalawi.
Oklebe baphenya ngokwephulwa kwemibandela yebheyili okwenziwe nguMfundisi waseMalawi, webandla i-Enlightened Christian Gathering (ECG), uShepherd Bushiri nomkakhe uMary.
Ngokusho kokhulumela oKlebe uColonel Katlego Mogale ngoMgqibelo ebusuku baphenya leli cala emuva kokuba bezwe amahebezi okuthi uBushiri nowakwakhe uMary baye eMalawi, nokuyinto ephambene nemibandela yebheyili yabo.
“Okwamanje singaqinisekisa ukuthi abazange baye esiteshini samaphoyisa njengoba bekumele bakwenze. Lokhu kusho ukuthi baphule umthetho. Abaphenyi nabashushisi bayasebenzisana ngophenyo ukuze bathathelwe izinyathelo ezifanele,” kusho uMogale.
Ekhuluma ngalolu daba esiteshini sezindaba i-eNCA izolo, uCele uthe bekuzobangcono ukube abanikezwanga ibheyili abakwaBushiri.
“Ngikhumbula kahle amaphoyisa, ikakhulukazi oKlebe kanye nabashushisi becela inkantolo ukuthi bengayitholi ibheyili kodwa bayinikezwa. Ngisho nemibandela yebheyili ibingaqinile ngokwanele. Uma ngenza isibonelo nje bekuthiwa abavele esiteshini samaphoyisa ngoMsombuluko nangoLwesihlanu, okumnika ithuba lokuthi abaleke,” kusho uCele.
UCele uqhube wayichitha imibiko yokuthi ushiye ngendiza kaMengameli waseMalawi kodwa basaphenya ukuthi uphume kanjani kuleli.
UBushiri ngoMgqibelo ebusuku ufake i-video kwiFacebook, wathi amaphaphu phansi, akeqile kodwa usaye ekhaya ngoba ubengaphephile eNingizimu Afrika.
Uthe abameli bakhe bazovukela enkantolo ngoMsombuluko (namhlanje).
NgoNovemba 4 nonyaka iMantshi uThandi Theledi, yanikeza abakwaBushiri ibheyili kaR200 000 umuntu ngamunye enkantolo yasePitoli. Wagcizelela ukuba balandele imibandela yebheyili yabo. ngaphandle kwalokho bazophucwa.
AFRICAN NEWS AGENCY (ANA)