UCWANINGO olusanda kuphuma luveza ukuthi ingqungquthela ye-ANC yokukhetha ubuholi obusha ezoba seNasrec eGoli kuleli sonto, izoba nomthelela omubi enhlanganweni uma kwenzeka kunqoba uDkt Nkosazana Dlamini Zuma.
Lolu cwaningo olwenziwe yiRatepop, belubheke kakhulu ukuthi izoletha muphi umphumela ingqungquthela njengoba kubhekwe okhethweni luka-2019.
Ucwaningo luveza ukuthi uRamaphosa wesekwa kakhulu kwi-ANC njengoba inhlangano iya engqungqutheleni.
Kuvela ukuthi ukwesekwa kukaRamaphosa kumi ku-58.6%, uma kuqhathaniswa no-16% wokusekwa kukaDkt Dlamini Zuma.
IRatepop ikhulume nabantu abangu-2100, abavotele i-ANC ngokhetho lohulumeni bezindawo ngo-2016. Okukhulunywe nabo bahlala ezindaweni zasemakhaya, emalokishini nasemadolobheni.
“Njengoba i-ANC ithole u-54%, okhethweni luka-2016, maningi amathuba okuthi ehle la maphesenti uma kwenzeka kunqoba uDkt Dlamini Zuma engqungqutheleni,” kuveza ucwaningo.
KUZOCACA maduze ngozohola i-ANC phakathi kukaMnuz Cyril Ramaphosa (osesithombeni) noDkt Nkosazana Dlamini Zuma Isithombe:Elmond Jiyane, GCIS
Ngokocwaningo, yize sekusele izinsuku ezintathu kuqale ingqungquthela kodwa akucaci ukuthi ngubani ozodla umhlanganiso.
Le nkampani eyenze ucwaningo ikhulume nabalandeli bamaqembu aphikisayo, ibabuza ukuthi bangavotela bani ngo-2019, uma kuwina uRamaphosa noma uDkt Dlamini Zuma.
Ucwaningo luveza ukuthi u-6.9%, wabalandeli beDA abamnyama ungavotela uDkt Dlamini Zuma.
U-50.9%, kuthiwa ungavotela uRamaphosa.
Ucwaningo luveza ukuthi u-43%, wabalandeli be-EFF ungavotela uRamaphosa.
Okhulumela i-ANCYL KwaZulu-Natal uMnuz Mandla Shange uthe bakholwa wukuthi iqembu lizokwazi ukuzuza amavoti noma ngabe kuthiwa kuwina bani engqungqutheleni.
“Umbango wezikhundla wuhlelo lwentando yeningi kwi-ANC. Imibango yezikhundla ayibi namthelela etheni kubalandeli beqembu,” kusho uShange.
Umhlaziyi wezepolitiki uSolwazi Somadoda Fikeni uxwayise ngokuthi kuyingozi ukubukela phansi ucwaningo.
“Uma kukhona ukungakhulumi kahle ngothile ogaqele isikhundla esithile, kumele inhlangano iyisukumele leyo nto ibone ukuthi ingayilungisa kanjani,” kusho uFikeni.
UFikeni uthe ukuthula kukaDkt Dlamini Zuma angakugxeki ukulawulwa kombuso yidlanzana nokungasho lutho ngomndeni wakwaGupta, kwenza angamukeleki kahle kubantu abaningi.