UNGQONGQOSHE wezokuThutha, uMnuz Fikile Mbalula, umemezele ukuthi kusasa kuzovulwa izikhumulo zamabhanoyi eziyisikhombisa ebezivaliwe ngenxa yeCovid-19.
Lezo zikhumulo yiBram Fischer International Airport, Kruger Mpumalanga International Airport, Pietermaritzburg Airport, Port Elizabeth International Airport, Richards Bay Airport, Skukuza Airport ne-Upington International Airport.
Ekuqaleni bekuvulwe i-OR Tambo, King Shaka, Cape Town neLanseria.
Ukuvulwa kwezikhumulo akusho ukuthi abantu sebengahambela kwamanye amazwe ngoba lokho kusavaliwe.
Uthe abantu bayabuza ukuthi kungani amabhanoyi evumelekile ukulayisha agcwale wathi yingoba ayawaqeda amagciwane.
“Amabhanoyi ayakwazi ukumoma izifo ngoba afakwe iHigh Efficiency Particulate Air filter (Hepa) engawabheki amagciwane. Ibhanoyi kalifani netekisi uma undiza amahora amabili iHepa iyawabulala amagciwane okubalwa kuwo neCovid-19,” kusho uMbalula.
Okwamanje amabhanoyi avumelekile ukuhambela izifundazwe ezehlukene zaseNingizimu Afrika. Akukavunyelwa ukuhambela kwamaye amazwe. Ezokuphepha zizobe ziqinile, abantu bazofuthwa izandla ngaphambi kokungena ebhanoyini ngoba ama-sanitiser athathwa njengomkhiqizo oyingozi emabhanoyini.
Uthe ngeke athi iHepa filter izovikela abantu kwiCovid-19 ngokuphelele kodwa akwaziyo wukuthi imoma amagciwane.
Ubalule nokuthi abantu ngeke bafunde amabhuku, nokudla kuzofika sekugoqiwe ngakho ngeke bathintane uma sebegibele ibhanoyi.
Uvumile ukuthi izinkampani zamabhanoyi zinazo izingqinamba zemali kodwa wathi ukuvulwa kwezinhlaka ezithile zomnotho kuzoshintsha isimo.