KULINDELEKE ukuthi kusizakale intsha nabesifazane ngomcimbi wokuqala ozodonsa izinsuku ezithathu, iBallito July Experience 2025.
Lo mcimbi wokuqala uzobe uhlelwe inhlangano ebhekelele ezokuvakasha ngaphansi kukaMasipala Ilembe, i-Enterprise iLembe.
Lenhlangano izobe inetende layo emcimbini wamahhashi omkhulu waseThekwini iHollywoodbet Durban July, ezoba seThekwini ngoJulayi 5.
USihlalo wale nhlangano uMnuz Nkosenhle Mngadi uveze ukuthi umcimbi wabo uzoqala ngoLwesihlanu uze uphele ngeSonto.
Uthe ngoLwesihlanu (July 4) bazoba nomdlalo wegalofu, bese beba nomhlangano wosomabhizinisi la bezobe becebisana ngamacebo ahlukene amabhizinisi.
NgoMgqibelo (July 4) bahambele eThekwini umcimbi wamahhashi nokuyothi ngeSonto kube nedili lomcimbi eliyobe ligabe ngemfashini, umculo, ukudla, imibukiso yamaciko nokunye.
“Umcimbi lona akuwona nje ojwayelekile njengoba uzothuthukisa umnotho, siyakuqinisekisa ukuthi ukuthi umcimbi wamahhashi eThekwini njengoba usukwazi ukuhamba uze ufike kuMasipala Ilembe ngalo mcimbi esiwenzayo, uzokwazi ukuvuselela umnotho wedolobha lethu futhi uvuselele nokubungaza amasiko,” kusho uMngadi.
Uthe bafuna ukwenza okuhlukile uma kuziwa emakhonweni abanawo, wabala amaciko, abasiki bengqephu njengoba bezokhombisa amakhono ezihambelini abazobe benazo.
Uveze ukuthi ngokwenza umcimbi walolu hlobo abazothuthukisa nje kuphela umnotho wedolobha kodwa ngisho nemiphakathi yasemakhaya izozuza njengoba abahwebi bezothola ithuba lokukhombisa ngemisebenzi yabo.
“Kuzothuthuka izindawo zasemakhaya ezingakafiki ezingeni elikulona, ezolimo, ezokuvakasha neminye imikhakha abakuyona bazozuza kakhulu ngalo mcimbi njengoba amabhizinisi amancane nawo ezithola ithuba lokuthi athuthuke kanjalo nezinhlangano ezihlukene emphakathini nazo zizokhula ngawo. Siphakathi nendawo nezikhungo ezinkulu okubalwa kuzo isikhumulo sezindiza iKing Shaka kanjalo nomgwaqo onguthelawayeka uN2, okuyindlela yokuthi bazi ngathi futhi sisebenze nabo,” kuchaza yena.
Uthe bayabonga kubaxhasi babo abahlukene ngokubeseka kulo mcimbi.