KUSAZOSHUBA kwabashayela bebukhile eThekwini njengoba kunezinhlelo zokuvula isikhungo esenza kusheshe ukujeziswa kwababanjwa beshayela beqisile.
UNkk Pamela Nkuna, obhekele ezokuxhumana kwaSouth African Breweries e-Africa, uthe kulindeleke ukuthi kusongwe lo nyaka sesivuliwe isikhungo eThekwini.
Ubekhuluma ngesikhathi iziphathimandla zakwaSAB ziye kwesinye isikhungo esaziwa nge-Alcohol Evidence Centre esiseMgungundlovu. Lesi sikhungo sixhaswe abakwaSAB besebenzisana nophiko lwakwa-KZN Road Traffic Inspectorate (RTI).
Kugamanxe ihora leshumi nanye sekuboshwe owesilisa obeshayela eqisile oyiswe kulesi sikhungo lapho befike bakuqinisekisa ukuthi weqise kakhulu kunesikalo esibekiwe sokushayela uthintile.
UNkk Nkuna uthe okuhlukile ngalesi sikhungo wukuthi sesenze kwashesha ukujeziswa kwabantu abatholakala beshayela bephuzile okuyinto ebingenzeki kuqala.
Ngokujwayelekile abantu bathi uma befuthiswa emgwaqweni bese beyiswa esibhedlela bayodonswa igazi kodwa ngenxa yokuthi imiphumela yegazi ithatha isikhathi eside ukuthi ibuye iningi labo ligcina lingasitholanga isijeziso esifanele ngokushayela leqisile.
Kodwa kulesi sikhungo kuhlukile ngoba uma umuntu emiswa amaphoyisa ufike afuthiswe bese kuthi uma kusolakala ukuthi uphuzile athathwe ngokushesha ayiswe kusona ukuze ezofutha komunye umshini obizwa nge-Evidence Based Testing Machine (EBAT) eyakhiwe ngabakwaDräger.
Kuyafuthwa emshinini ukuze kutholakale ukuthi lingakanani izinga lotshwala elisegazini, emuva kwalokho obanjiwe akabe esadabula ngoba ubufakazi buyasebenza enkantolo.
“Umshini kuthiwa ukhipha iziliphu eziwubufakazi bezinga lotshwala obusegazini. Ukhipha iziliphu ezinhlanu esisodwa kuba ngesefayela, esomshushisi bese kuba nezimbili ezigcinwayo ngakho alikho ithuba lokuthi kwenzeke iphutha lokuthi kuthiwe ubufakazi bulahlekile,” kusho uNkk Nkuna.
Uthe uhlelo lokusetshenziswa komshini luqale ngo-2009 kodwa kwaphazanyiswa yicala elafakwa ngo-2011 elaziwa ngeHendrics Case okwenza ukuthi lumiswe.
Uthe kusuka ngo-2012 bebesebenzisana nabomthetho nohulumeni ukuzama ukubuyisa uhlelo lokuhlola abantu abasuke beqisile ezinkanjeni.
Obengungqongqoshe wezokuThutha, uDkt Blade Nzimande, wethula ngokusemthethweni lesi sikhungo esiseMgungundlovu ngo-Ephreli nonyaka.
Kusuka ngoMashi kuya kuJuni nonyaka balinganiselwa ku-22 abantu abashone ezingozini zomgwaqo eMgungundlovu uma kuqhathaniswa nangesikhathi esifanayo ngonyaka odlule lapho okushone abantu abangu-36.
UNkk Nkuna uthe lokhu kusho ukuthi sehle ngo-36% isibalo sabantu abashone ezingozini eMgungundlovu.
Isikhulu sakwa-RTI, uMnuz Victor Chetty sithe bayakujabulela ukusebenzisana nabakwa-SAB kulolu hlelo.
Uthe kusuka beqalile ukusebenzisa lo mshini sebebe nempumelelo enkulu ekuqinisekiseni ukuthi abantu bayajeziswa ngokushayela beqisile.
Uthe kusuka ngoMashi nonyaka bangu-446 abantu asebeboshiwe, kulaba abangu-372 ababoshwe kusetshenziswa i-EBAT.
Bangu-70 abashushiswe ngempumelelo okukhona kubo owanikwa isijeziso sikaR10 000 kwaphinde kwamiswa ukusebenza kwe-drivers licence yakhe.