KUZOKWENZIWA izinguquko ezinqala ezizophucula indlela okusebenza ngayo amaphoyisa ukulwa nobugebengu njengoba kubukeka izigebengu ziwahambela phambili.
Lokhu kuvezwe uKhomishana wamaPhoyisa kuleli uGeneral Khehla Sitole, obekhuluma engqungqutheleni yenyunyuna yamaphoyisa nojele iPopcru eNkosi Albert Luthuli (ICC) eThekwini izolo.
USitole uthe nsukuzonke izigebengu zifunda futhi zicubungilisise indlela okusebenza ngayo amaphoyisa. Uthe njengamanje sezisebenzisa kakhulu i-internet ukuhlela ubugebengu.
“Sihlele ukubuyekeza uqeqesho lwamaphoyisa ukuze luhambisane nesikhathi samanje. Uqeqesho lwawo eziteshini kumele lube sezingeni elifanayo neleTRT. Sizovula nesikhungo samaphoyisa esisha, siphucule iziteshi nezindawo ahlala kuzo,” kusho uSitole.
USitole uthe amaphoyisa asebenza ngaphansi kwengcindezi ngenxa yokwenza umsebenzi ongaphezu kwamandla awo. Uthe zingaphezu kuka-151 iziteshi zamaphoyisa kuleli okusamele zilungiswe.
“Uthola ukuthi isiteshi esisodwa senza umsebenzi okumele ngabe wenziwa iziteshi ezintathu. Sizokwandisa nokumeleleka kwabesifazane ebuholini obuphezulu emaphoyiseni futhi siqinise ukusebenzisana phakathi kwethu nezinyunyana,” kusho uSitole.
Njengamanje elakuleli linokhomishana ababili besifazane abahola amaphoyisa ezifundazweni.
Uthe bazonciphisa isibalo samaphini akhe abe mabili, bahlele kabusha ubuholi bamaphoyisa obuphezulu okuzohambisana nokudilizwa kosigaxamabhande.
“Njengamanje kunohlelo lokuhlelwa kabusha koMnyango wamaPhoyisa olwagunyazwa nawuMengameli wezwe. Sifuna ukunciphisa isibalo sobuholi bamaphoyisa ngokuthi siqeda izikhundla eziningi zo-lieutenant general esizobathatha sibafake ezinhlakeni eziphansi khona sizokwazi ukuqasha amaphoyisa amasha. Uma siphumelela lokhu kuzosho ukuthi ngeke kube nokuphela kwemisebenzi emaphoyiseni ngomuso,” kusho uSitole.
Kusanda kuvela ukuthi kungase kuncishiswe isabelo-mali samaphoyisa ngoR20 billion eminyakeni emithathu ezayo. Lokhu kuthiwa kungase kuholele ekutheni kudilizwe amaphoyisa angaphezu kuka-23 000 esikhathini esifanayo.
“Uma siqhubeka nokugcina amaphoyisa amaningi ezikhundleni eziphezulu lokhu kuzosibeka engcupheni yokuthi kube nemisebenzi eminingi elahlekayo,” kusho uSitole.
Uthe amaphoyisa ayafa ebulawa izigebengu ezisuke zihlome ngezinhlokohlela zezibhamu. Wathi uqeqesho lwawo balubeke eqhulwini.
UMengameli wePopru uMnuz Zizamele Cebekhulu, utshele uSitole ukuthi kumele baqinisekise ukuthi bafaka imiphakathi ezinhlelweni abazenzayo.
Uthe kumele kufakwe imali ezinhlakeni zomphakathi ezilwa nobugebengu.
“Qinisekisani nokuthi abantu ababika ngobugebengu bayavikelwa,” kusho uCebekhulu.
Unobhala-jikele weSACP, uDkt Blade Nzimande, ubuze ukuthi zazithuleleni izinyunyana ngesikhathi kulawulwa umbuso yidlanzana, kukhwatshwaniselwa nezinkampani zikahulumeni?
Uveze nokuthi uhulumeni kumele abambe iqhaza ekunqandeni ukuthutheleka kwabokufika kuleli abangenawo amaphepha abagunyaza ukuba seNingizimu Afrika.