OYIPHINI likaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uMajor-General Phumelele Makhoba ukhiphe isexwayiso esishubile esibheke kwabangase babe nezinhloso zokuba ngosikhwili phambana nobhoko ngosuku lomdlalo wamanqamu eNedbank Cup ngoMgqibelo, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Umdlalo wamanqamu eNedbank phakathi kweKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, uzoba ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama, eMoses Mabhida.
UMajor-General Makhoba ukusho lokhu esithangamini nabezindaba, eMhlanga, eThekwini, izolo, lapho abeyingxenye yezikhulu okubalwa kuzo noMato Madlala oyisikhulu esiphezuu kwiPremier Soccer League (PSL) noDkt Vusi Mazibuko ongumphathi weMoses Mabhida Stadium, ukuzochaza ngesiphithiphithi sokudayiswa kwamathikithi omdlalo wamanqamu nezokuphepha enkundleni.
Ukuphela isigubhukane kwamathikithi omdlalo wamanqamu eNedbank Cup ngoMsombuluko kushiye izinkumbi zabalandeli bebhola zingawatholanga amathikithi ngenxa yobuhixihixi obubekhona ezindaweni eziningi obekudayiswa kuzo amathikithi.
Ukuphela kwamathikithi kusho ukuthi abezukuvumeleka abangenawo ukusondela enkundleni ngosuku lomdlalo.
Lokhu sekudale umuzwa wokwesaba ukubheduka kodweshu ngenxa yentukuthelo yabanye abalandeli bebhola abagane unwabu ngokungawatholi amathikithi, phezu kokuba befikile ezindaweni athengiswa kuzona, okubalwa kuzo izitolo zako Shoprite noCheckers.
“Sizokwenza konke okusemandleni ukuqinisa ezokuphepha ngaphambi nangosuku lomdlalo ukwenza isiqiniseko sokuthi abasondeli abantu abangenawo amathikithi.
Sizokuqinisekisa ukuthi abantu abangena enkundleni yilabo abanamathikithi, ukugwema isiminyaminya nodweshu olungase lubekhona,” kusho uMajor-General Makhoba.
UDkt Mazibuko ube esekuqinisekisa ukuthi abangakwazanga ukuthola amathikithi bazohlelelwa izindawo ezinobhazabhaza bethelevishini lapho bezokwazi ukubuka khona lo mdlalo wamanqamu wezingqungqulu zaseSoweto.
“Sihlele izindawo esizobeka kuzo obhazabhaza bama-TV, okuyiBeach Front ne-Albert Park, eThekwini, ukuze abangakwazanga ukuthola amathikithi bawubuke khona umdlalo. Sizokwenza isiqiniseko sokuthi i-Albert Park iyahlanzwa ibe sesimeni esikahle ngaphambi kosuku lomdlalo,” kusho uMazibuko, obe eseqinisekisa nesimo senkundla nokukulungela kwaso ukusingatha lo mdlalo.
“Ngingakuqinisekisa ukuthi inkundla iMoses Mabhida isikulungele ukusingatha umdlalo wamanqamu eNedbank Cup. Sesingomakadebona ekusingatheni imidlalo emikhulu kule nkundla. Konke kumi ngononina.”