UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala uxwayisa ngokuthi bazosiqinisa isandla ukuqinisekisa ukuthi abantu bayayilandela imigomo kathaqa emva kokwenyuka kwezibalo zabashonayo nabangenwa yiCorona.
Esithangamini nabezindaba eMayville, eThekwini, izolo, uZikalala uthe bangu-112 manje abantu asebebulewe yiCorona, wengeza ngokuthi bangu-7 786, okuqinisekiswe ukuthi bangenwe yilolu bhubhane.
“Izibalo zakamuva ziveza ukuthi bangu-5 030, abantu abangenwe iCorona, kwashona abangu-84, kwathi abangu-2 594, abebenegciwane balulama,” kusho uZikalala.
Uthe lokhu kusho ukuthi ngesonto eledlule nje kuphela, bangu-2 756, abantu okutholwe ukuthi baneCorona, kwashona abangu 28. Uthe izindawo ezishayeke kakhulu njengoba kwenyuka izibalo ezisemakhaya.
Uthe imingcwabo nemicimbi kunesandla ekwenyukeni kwezibalo ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya.
“Kuyaqapheleka ukuthi imigomo nemibandela ayilandelwa uma kunemibuthano okwenze sanyuka ngamandla isibalo sabashonayo nabangenwa igciwane,” kusho yena.
Uphinde waveza ukuthi isifunda saseMgungundlovu sesihleli endaweni yesibili kwezihamba phambili ngokuba nabantu abaneCorona ngemuva kweTheku.“UMgungundlovu usudlule isifunda iLembe, elihleli endaweni yesithathu,” kusho uZikalala.
Uthe kusukela kusasa (namhlanje) amaphoyisa azoqinisa isandla ukuqinisekisa ukuthi imibandela kathaqa iyalandelwa ngenhloso yokwehlisa ukubhebhetheka kwegciwane.“Yize sinyuka isibalo sabanegciwane kodwa alibhebhethekisi okomlilo wequbula njengoba kwenzeka kwezinye izifundazwe,” kusho uZikalala.
Uthe abashona kakhulu abaneBP (59%), abanoshukela (58%), wengeza ngokuthi kukhona nabayisishiyagalolunye abebene-HIV abashonile.
UZikalala uthe KwaZulu-Natal, iTheku liseyisizinda segciwane.Uthe cishe njalo ngosuku bangu-30, abangenwa yiCorona.
UZikalala uthe cishe bangu-478, abasebenzi bezempilo abaneCorona, wengeza ngokuthi bangu-457 abasebenzi bakahulumeni eminyangweni ehlukene abanegciwane.
Ukuqinisekisile ukuthi nasehhovisi lakhe ukhona okusanda kutholwa ukuthi unalo.