KUZOQINISWA ezokuphepha ezindaweni ezehlukene KwaZulu-Natal, okukhona kuzona iNanda, eThekwini, ezikhungathwe yizigameko zokusocongwa kwabantu njengoba kubhekwe okhethweni lwamakhansela.
Lokhu kushiwo uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli, uMnuz Bheki Cele nePhini likaNgqongqoshe wezokuPhepha kweZwe, uMnuz Zizi Kodwa.
Laba ababili nobuholi bamaphoyisa KwaZulu-Natal, nePhini likaCele, uMnuz Cassel Mathale, namhlanje bahambele imindeni yabathathu abashonile eNanda, esehlakalweni esenzeke ngoMgqibelo.
Kwalimala abahlanu, baphuthunyiswa esibhedlela belimele kanzima.
UKodwa uchaze okwenzekile njengobugebengu bokusatshiswa kwabantu okungamele kufake itwetwe kubantu ukuthi kuzoba nokhetho olungakhululekile.
“Izinhlaka zezokuphepha kwezwe zizosebenza ngokubambisana ziqinisa ezokuphepha kulezo zindawo ezivame ukukhungathwa yizinxushunxushu,” kusho uKodwa.
UCele uthe abakaboshwa abasolwa kulesi sehlakalo wathi kunomkhondo olandelwa amaphoyisa angeke awudalule manje.
Kwashona isalukazi uNkk Beatrice Dlamini (75) waseMzomusha KwaBester, uNksz Ncami Shange (34) noNksz Philisiwe Jili (39) baseBhambayi, ngesikhathi abasolwa bevulela ngenhlamvu kwababemi ulayini esikoleni eBuhlebethu Primary eNewtown C, ngoMgqibelo ntambama.
Abantu baseNanda bakhala ngokudlanga kobugebengu, ukuqhunyiswa kwezibhamu ubusuku nemini nokusocongwa kwabantu