INKAMPANI ephehla ugesi eNingizimu Afrika, i-Eskom, isimemezele ukuthi ukucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga, sekuzoqhubeka kuze kushaye yiSonto.
Le nkampani ibikade ithe ngoMsombuluko ukucishwa kukagesi okusesigabeni sesibili, kuzoqhubeka kuze kube yinamuhla.
Ithe kusuka namuhla, ugesi uzocishwa njalo phakathi kuka-5 ntambama kuze kube u-12 phakathi kwamabili.
Iveze ukuthi ukunezezelwa kwezinsuku okuzocishwa kuzo ugesi kubangelwe ukufa kweziphehlimandla zikagesi ezine izolo.
“Sinovalo lokuthi kusengenzeka ukuthi isigaba sokucishwa kukagesi, okuyisigaba sesibili, sinyuswe ngezikhathi zasebusuku,” kusho isitatimende.
Kuthiwa iziphehlimandla ezithintekile iKendal neMatimba bese kuba ezimbili eziseMatla.
“Kuphinde kwaba khona ukuthikamezeka esiphehlini saseKusile, osekulindeleke ukuthi ukusebenza kwaso kuqale kahle namuhla,” kusho isitatimende.
I-Eskom ithe izoqhubeka nokuhlola isimo, bese iyazazisa izakhamuzi zaseNingizimu Afrika ngezinyathelo ezithathwayo mayelana nokucishwa kukagesi uma kwenzeka kuba khona ushintsho.
Ixwayise ngokuthi isimo sokucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga yinto okulindeleke ukuthi iqhubeke ibe khona emasontweni ambalwa azayo.
“Siyafisa ukuwukhumbuza umphakathi ukuthi ukucisha ugesi ngenhloso yokuwonga, kuyisinyathelo sokugcina esithathwayo, emva kokuthi sekuhluleke konke okunye,” kusho isitatimende.
Ibe isiyenza isicelo kwizakhamuzi ukuthi zenze konke okusemandleni ukuthi zonge ugesi, okubalwa nokucisha izinto ezisebenza ngogesi uma zingazisebenzisi.