KUZOQALWA kuleli sonto ukugonywa kwabasebenzi bezempilo, ngomgomo weCovid-19.
UNgqongqoshe wezeMpilo kuleli uDkt Zweli Mkhize, utshele iPhalamende izolo ukuthi kuzoqalwa kuleli sonto ukugomela iCovid-19 kodwa usuku okuzoqalwa ngalo luzomenyezelwa umengameli, uMnuz Cyril Ramaphosa.
Inhlangano yodokotela kuleli iSouth African Medical Association (SAMA), ithe umgomo okhiqizwe iJohnson&Johnson ongu-80 000 ufike izolo futhi kulindeleke ukuthi kuqalwe kugonywe ngawo abasebenzi bezempilo abasebenza ezikhungweni zezempilo zikahulumeni ezingu-17 esezikhethiwe.
Lo mgomo awukhokhelwanga ngoba uyingxenye yocwaningo. UDkt Mkhize uthe uhlelo lokuwuhlola lo mgomo ukuthi uphephile bese lwenziwe ngesikhathi kwenziwa ngawo ucwaningo.
UDkt Mkhize uthe umgomo ongagoma abantu abangu-500 000 oyingxenye yomgomo ongu-9 million o-odwe yileli kubakhiqizi bawo bakwaJohnson&Johnson uzofika emasontweni ambalwa ezayo.
"Bangu-380 000 abasebenzi bakahulumeni ababhalise ukuthi bazogoma. Umgomo okhiqizwa yi-AstraZeneca ngeke ulahlwe, uzonikelelwa amazwe ase-Afrika angenalo uhlobo lwegciwane i501Y.V2, akhombise intshisekelo yokuwuthenga," kusho yena.
Uthe basaxoxa nabakhiqizi bemigomo abehlukene ukuze bathole umgomo ofanele iNingizimu Afrika.
UMnuz Julius Malema umengameli we-EFF uthe i-ANC ayifuni ukudalula imininingwane ngohlelo lokuthengwa kwemigomo icasha ngokuthi kunezivumelwano eziyimfihlo ezenze nabakhiqizi bemigomo.
“Sifuna ukuthi bonke abazoba neqhaza abalibambile ekusabalaliseni umgomo badalulwe ePhalamende, ngenxa yenkohlakalo eyenziwe ngesikhathi kuthengwa izimpahla zokuzivikela kuleli gciwane. AsIfuni kuphinde kwenzeke into efanayo ngomgomo,” kusho yena.
UMntwana uMangosuthu Buthelezi we-IFP uthe kuyamthokozisa ukuthi umgomo ongu-80 000 wakwaJohnson&Johnson usufikile kodwa wathi mUncane kakhulu kunabantu abawudingayo.