KULINDELEKE ukuthi kuqale kusasa kwenziwe izethulo eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, ngesicelo sowayengumengameli uMnuz Jacob Zuma sokuthi kuhoxiswe umshushisi u-Advocate Billy Downer SC, obhekene necala lenkohlakalo.
Udaba olubuyela kusasa olwesivumelwano sokuthengwa kwezikhali okuthiwa uZuma wahlomula kulo ngokungafanele kanti uhambisana nenkampani yezikhali, iThales eyayizibiza ngeThint kudala.
Abameli bakaZuma bafaka isicelo sokuthi u-Adv Downer SC ahoxe ukushushisa kulolu daba ngoba akumfanele. Isicelo sikaZuma safakwa phambi kweJaji uPiet Koen okunguyena onikwe umsebenzi wokulalela leli cala eselidonse iminyaka.
Kumanje uZuma ubhadle ejele eliseMtshezi, emva kokuzinikela khona elahlwe yicala lokwedelela iNkantolo yoMthethosisekelo, eyamsola ngokwehluleka wukulandela umyalelo wayo wokuyovela phambi kwekhomishini ephenya ukugwamandwa kwamandla ombuso eholwa yiJaji uRaymond Zondo.
Akwaziwa noma uZuma qobo lwakhe uzofika yini enkantolo uma sekuphikiswana ngalolu daba.
Ukungena kwakhe ejele kuholele embhikishweni nokucekelwa phansi kwempahla lapho abantu bebezitapela izimpahla ezitolo. Kusolwa ukuthi abalandeli bakaZuma badinwa kakhulu uma bezwa ukuthi usezinikele ejele.
Okhulumela abezokuShushisa iNPA KwaZulu-Natal, uNkk Natasha Ramkisson-Kara, uthe udaba lukaZuma luzongena kusasa kodwa kusazophikiswana ngesicelo sakhe.
“Udaba luzongena impela kusasa. Kufanele kwenziwe izethulo kuphikiswane bese kufinyelelwa esinqumweni ngodaba lwesicelo sokuthi kushenxe umshushisi,’’ kusho uNkk Ramkisson.
UZuma uhlasela ngabameli bakwaThusini Attorneys kanti owenza izethulo ngu-Advocate Dali Mpofu SC, okubhekwe ukuthi abeke izizathu ezidala ukuthi bangamfuni u-Adv Downer SC
Kolunye udaba lukaZuma kulindwe iNkantolo yoMthethosisekelo ukuthi inqume ngesicelo sokuthi sibhekwe kabusha isigwebo sezinyanga eziwu-15, uZuma ebhadla ejele.