UNGQONGQOSHE wezeMpilo kuleli uDkt Zweli Mkhize usememezele ukuthi kuzophela inyanga kaJanuwari isithelekile imigomo yabantu abayisigidi kuleli enikelwe yiSerum Institute of India (SII).
UMkhize uveze lokhu ngesikhathi ekhuluma nekomidi lezeMpilo ePhalamende ngoLwesine kanti uthe kuzolandela eminye imigomo yabawu-500 000 ngoFebhruwari.
Ngasekuqaleni kwaleli sonto uhulumeni ubungaphansi kwengcindezi ngodaba lokugoma kulandela isimemezelo sikaMengameli Cyril Ramaphosa sokuthi imigomo izofika ngo-Ephreli kuleli.
“ISII isinikeze imvume yokuthi simemezele ukuthi sesiyitholile imigomo evela kubo, sizoqala ukuhlangana nezinhlaka ezifanele ukudingida ukusatshalaliswa kwayo,” kusho uMkhize.
“Izolo ithimba lethu elivela kuMnyango wezeMpilo nabamele iSouth African Health Regulatory Authority (SAHPRA) bebephothula konke okusadinga ukwenziwa ukuphasisa lo mgomo ukuze siqinisekise ukuthi akukho okuphazamisa ukusatshalaliswa kwawo.”
UMkhize uthe ujabule ukuthi umgomo weSII (AstraZeneca) usuphasile kwamanye amazwe.
Uma umgomo usufikile uzoyiswa kubantu ngezigaba kanti kuzoxhunyanwa nezinhlaka ezehlukene emiphakathini ukuze abantu bafundiswe ngawo futhi bawuthole kalula.
Abasebenzi bezempilo kubikwa ukuthi yibo abazowuthola kuqala.