Izindaba

Kuzolulwa isikhathi sokukhokha eThekwini

Simphiwe Ngubane|Published

UPHIKO olwengamele izimali eThekwini lufake isicelo sokuba kwelulwe isikhathi sokukhokhwa kwezikweletu zomkhandlu ebesizophela ngoDisemba 31.

Lufuna iwindi iCovid-19 Special Payment Relief, ligcine ekupheleni konyaka wezimali uJuni 30, 2021.

Umbiko wophiko udingidwe emhlanganweni wesigungu esilawula umasipala. Kulindeleke ukuthi uphasiswe emhlanganweni wamakhansela.

Ukwelulwa kwesikhathi kubangelwe wukudonsa kanzima kwamakhasimende ukukhokha izikweletu ngenxa yesimo somnotho esingesihle.

IPhini lemenenja kamasipala ophikweni lezimali, uMnuz Krish Kumar, lithe uhlelo lwabo lokulekelela amakhasimende ekukhokheni kalula izikweletu liwusebenzele umkhandlu.

UKumar uthe nakuba kunjalo kusenzima ukukhokha kumakhasimende amaningi.

Umbiko ufuna kuchibiyelwe indlela ebisetshenziswa ebivumela umhlali ekhaya akhokhe isaphulelo sika-10% wesikweletu, amabhazinisi ephulelwe ngo-25%.

Manje bafuna ikhasimende lenze isivumelwano sokukhokha ingxenye yesikweletu nomkhandlu, ingabalwa inzalo, ngaphambi noma ngoJuni 30.

Leso sikweletu kumele sibe esezinsuku eziwu-90 noma ngaphezulu.

Bafuna okweletayo angene ohlelweni lokukhokha isikweletu zingakapheli izinyanga eziwu-24. Ngeke kube nenzalo eyengezwayo ngalesi sikhathi.

Ikomiti elengamele izimali lithi ongene kulesi sivumelwano kodwa ogcina esehluleka ukukhokha, yonke inzalo ebesisusiwe izobuyiselwa isihamba nesikweletu okumele asikhokhe.

Kuvela ukuthi selukhona uhlelo lokulekelela abamabhizinisi aqashisa ngezindawo zokulala oluzobalekelela bakwazi ukukhokha njengezakhamuzi.

Abanikazi bamaB&B namaGuesthouse, abafuna ukufaka isicelo sokuxhaswa, bayanxuswa ukuthi bangene kwisizindalwebu somkhandlu esithi: http://www.durban.gov.za, ukuze bathole ifomu. Kudingeka balibuyise nge-email ethi: [email protected]

Ngeminye imininingwane ethe thuthu bangabheka ku:durban.gov.za:200/.

Bayakhuthazwa ukuthi basebenzise uhlelo lwekhompyutha uma befaka izicelo.

Wonke amakhasimende adinga usizo ngohlelo lokukhokha isikweletu angaxhumana neCustomer Services Centres noma i-Contact Centre enombolweni