UMNYANGO wezeMfundo KwaZulu-Natal uthi uzolinda ukwelulekwa uMnyango wezeMpilo mayelana nesinqumo okumele sithathwe ngesikhungo sokumaka amaphepha kamatric, esise-Escourt.
Inyunyana yothisha iSadtu KwaZulu-Natal, ngeSonto iphakamise ukuthi sivalwe okwesikhashana lesi sikhungo, sifuthwe bese kuhlolwa bonke othisha abamakayo kuso. Lokhu kungemuva kokushona kukathisha obemaka kulesi sikhungo okutholakale ukuthi uneCorona, ngoMgqibelo.
NgoMgqibelo kunothisha ophuthunyiswe esibhedlela esuka kulesi sikhungo, kwadingeka ukuthi othisha abayisishagalolunye abasondelene naye, bagonqe ngabodwana.
UNobhala weSadtu KwaZulu-Natal, uNksz Nomarashiya Caluza uthe uyazi ukuthi uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ufuna uhlelo lwenziwe namhlanje (ngeSonto) futhi kungenzeka ukuthi sekunabanye othisha abathelelene.
"Yimpilo yabantu le okukhulunywa ngayo. Akukwazi ukuthi kungalindwa. Kumele zonke izinhlelo zenziwe namhlanje (esho izolo)," kusho uNksz Caluza.
UMnuz Muzi Mahlambi okhulumela lo mnyango , uthe izolo abasebenzi bezempilo bayile kulesi sikhungo beyohlonza, baphinde bahlola othisha.
"Ngikhuluma nawe nje abasebenzi bezempilo bakulesi sikhungo benza umsebenzi wabo. Sizozwa uma sebeqedile ukuthi yini okumele siyenze. Uma besiluleka ngokuthi isikhungo sivalwe, sizosivala," kusho uMahlambi.
UMnuz Elijah Mhlanga okhulumela uMnyango weMfundo eyiSisekelo kuleli, uthe njalo ngosuku bayahlolwa othisha abamakayo ukuthi abanazo yini izimpawu zeCovid-19, kulandelwa imiyalelo yezempilo.
Uqhube wathi bangu-171 othisha abatholakale bahaqwe yigciwane sebewuqalile umsebenzi wokumaka kodwa izifundazwe bezivele zizilungiselele ukuthi kungenzeka kube nabahaqekayo ngalesi sikhathi. Lokho kwenza ukuthi kube lula ukuthi kuvalwe izikhala zothisha abahaqekile nalabo okudingeke ukuthi bahlale ngabodwa.
UNksz Caluza uthe enye yezinkinga eyenza ukuthi othisha bathelelane ukuthi bampintshene ezindaweni abahlala kuzo, okuyinto ebiyenzeka naphambilini kodwa manje inkinga ukuthi kuneCovid-19, kudingeka ukuthi indawo ihlale abantu abangu-50%.
" Kwezinye izikhungo, abazigadile bafice othisha bengamaqoqo bexoxa lokhu akumele kwenzeke ngoba akudingeki ukuthi abantu bahlangane ndawonye ngoba lokho kungenza ukuthi kutheleleke abantu abaningi," kusho uNksz Caluza.