ININGIZIMU Afrika izosebenzisa izinhlelo ezintathu zokuthenga umgomo weCovid-19 ukuze kutholakale umgomo ozokwenela u-67% wabantu bakuleli.
UMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, ngesikhathi ethula inkulumo abeyibhekise esizweni izolo, uthe njengamanje into ebaluleke kakhulu kuhulumeni wakuleli ukuthi kugonywe u-67% wabantu bakuleli ukuze kuvikeleke labo abazobe bengagonyiwe.
Uthe uhlelo lokuthengwa komgomo weCovid-19 lungolukhulu kunazo zonke izinhlelo zokuthengwa kwemithi ezake zenziwa ngesikhathi esifishane.
" Ngisho uhlelo lokuthengwa kwemishanguzo ethithibalisa igciwane lengculazi lungaphansi kwalolu. Uhulumeni wakuleli uzosebenzisa uhlelo oluphethwe yinhlangano yezempilo emhlabeni, iWorld Health Organisation (WHO) iCovax , uhlelo lokubambisana namanye amazwe ase-Afrika, iAfrican Vaccine Acquisation Task Team lokuthenga umgomo kanye kanye ukuze kungabizi kakhulu nolokuthenga ngqo ezinkampanini ezikhiqiza imithi. Lezi zinhlelo sinethemba lokuthi zizosisiza ekutheni sikwazi ukugoma lesi sibalo esishiwo ngososayensi ukuze kuvikeleke bonke abantu," kusho yena.
Uthe uma kulinganiswa kudingeka umgomo ongu-1.5 million ukuze kugonywe abantu abangu-60% base-Afrika.
" Uhulumeni wakuleli ezinyangeni eziyisithupha ezedlule uqale uhlelo lokukhuluma nezinkampani ezikhiqiza umgomo njengamanje sesikwaze ukuthenga umgomo owu-20 million okulindeleke ukuthi udilivwe kuleli esigabeni sokuqala salo nyaka," kusho yena.
"Ngiyazi ukuthi kukhona abasenokuwungabaza umgomo okuyinto okumele ngabe ayenzeki ngoba imigomo sekunesikhathi isetshenziswa kuleli ukuze kuvikelwe izifo ezifana nesimungumungwane, uzagiga nezinye izifo. Uma uhambela kwamanye amazwe uyagonywa. Nawo lo mgomo ukuzetshenziswa kwawo kuzokulandela uhlelo olugunyazwe yisikhungo esigunyaza ukusetshenziswa kwemithi kuleli iSouth African Health Products Regulatory Autthority ( SAHPRA),“ kusho uRamaphosa.