BONISWA MOHALE
IZINYUNYANA nezazi zomnotho zicela ukuba uhulumeni angajahi ukuvala izwe ngoba lokhu kuzoshaya abasebenzi nemindeni yabo.
IZINYUNYANA nezazi zomnotho zicela ukuba uhulumeni angajahi ukuvala izwe ngoba lokhu kuzoshaya abasebenzi nemindeni yabo.
Okhulumela iNational Union of Metalworkers of South Africa (Numsa) uNkk Phakamile Hlubi-Majola, uthe izwe ngeke likwazi ukuvalwa ngoba uhulumeni akakwazi ukubhekelela abasebenzi nemindeni yabo uma selivaliwe.
“Sishaqekile ngokuvela kwegciwane elisha leCovid-19. Siyabona futhi nabezindaba bebika ngokuthi izwe lingase livalwe. Ukuvalwa kwezwe kunomthela omubi kubasebenzi nemindeni yabo ngoba uhulumeni akakwazi ukubanakekela. Amanye amabhizinisi awa ngenxa yokuvalwa kwezwe.
Ngesikhathi sokushicilela bebewu-3 220 abantu abaneCovid-19 ezweni, beyisishiyagalombili abashonile.
UMnuz Edwin Mkhize onguNobhala weCosatu KwaZulu-Natal, uthe ngaphambi kokuthi umengameli athathe izinqumo kufanele axoxe nazo zonke izinhlaka ezithintekayo ukuze athole esinye isisombululo esingakufaki ukuvalwa izwe.
Ukhale ngokuthi KwaZulu-Natal abasebenzi bahlukunyezwe yiCovid-19 evale amafemu abawasebenzelayo kanjalo nezibhelu zangoJulayi eziholele ekutheni balahlekelwe wumsebenzi.
“Besesinethemba lokuthi umnotho uzosimama. Abasebenzi bahlukumezekile ngakho akufanele izwe livalwe. Uhulumeni kufanele axoxe nazo zonke izinhlaka ezithintekayo ngaphambi kokuthatha isinqumo esilandelayo,kusho uMkhize.
Uthe bazoba nomhlangano bewubuholi beCosatu ukuxoxa kabanzi ngomthelela weCovid-19 nezisombululo zokulwa nalesi sifo.
USolwazi Bonke Dumisa oyisazi somnotho nezomthetho uthe abukho ubufakazi obuphoqa uhulumeni ukuthi avale izwe okwamanje, alalele okushiwo wososayensi.
Ubonge ososayensi bakuleli ngokusebenza ngokuzikhandla nokukhipha imininingwane ethinta iCovid-19 njalo uma bethola okusha.
“Akufuneki ukuthi uhulumeni axhamazele. Abantu bakuleli bafuna isiqiniseko sokuthi uhulumeni wabo akatatazeli kodwa uthatha izinqumo ezifanele. Okungenziwa mhlawumbe kungaba wukwehliswa kancane kwesigaba sokuvulwa kwezwe ngoba ukulivala kuzoqeda imisebenzi,” kusho uDumisa.
Esinye isazi somnotho, uMnuz Mike Schussler, sithe uhulumeni kufanele aqinisekise ukuthi kusetshenziswa izindlela ezijwayelekile ukulwa neCovid-19 njengokugqoka izifonyo, ukuqhelelana nokuhlanza izandla, hhayi ukuvala izwe.