INJINGA yaseThekwini uJabulani “Cashflow” Ngcobo izobuyela enkantolo ngoMsombuluko ngemuva kokufaka isicelo sokudlulisa isigwebo sayo ngamacala okukhwabanisa.
UCashflow nomngani wakhe futhi abebebambisene naye ebhizinisini uMzabalazo Dlamini, bagwetshwe ngo-Ephreli 18 enkantolo ethinta amacala emali eThekwini.
Bagwetshwe iminyaka eyisithupha, emibili yalengiswa. Kusho ukuthi bazohlala emine ngaphakathi.
Bahlawuliswe noR200 000 olengisiwe ukuthi ngeke bawukhokhe uma bengatholakali necala elifanayo eminyakeni emihlanu.
Bebebhekene noxhaxha lwamacala abavulelwa wona ngabantu abahlukene abebebasola ngokubaqola njengoba bebedume ngokuthi bakhulisa imali. Bebenza ibhizinisi elaziwa ngeForex Trading okungelokuhweba ezimakethe.
Okhulumela uphiko lwezokushushiswa KwaZulu-Natal, uNatasha Kara, uthe isicelo sokudlulisa isigwebo savunywa yinkantolo. Uthe udaba lwabo luzolalelwa ngoMsombuluko.
Laba bobabili sebeqalile ukudonsa izigwebo zabo.
Isitatimende esikhishwe yiFinancial Sector Conduct Authority, siveze ukuthi laba babafaka enkantolo ngemuva kophenyo olunzulu.
“Abaphenyi bathola ukuthi laba baqamba amanga ukuthi bangabahwebi abasemthethweni abasiza amakhasimende ekuwakhuliseleni imali yabo uma wona engekho. Lokhu kulicala elibomvu futhi lesi sigwebo siyasemukela ngezandla zombili.”
Kuthiwa isigwebo sabo basidonsa ejele eWestville, eThekwini.