Izindaba

Sidle imali engaphezu kwehleliwe isakhiwo sezintombi eNyokeni

Nkosikhona Cele|Updated

UMPHATHISWA wezobuCiko namaSiko KwaZulu Natal, uMnuz Mntomuhle Khawula noMphathiswa wezemiSebenzi yoMphakathi kanye neNgqalasizinda uMnuz Martin Meyer behambisana nabanye ngesikhathi kubhekwa ibanga elihanjiwe ekwakhiweni kwesikhungo okuzokwenzelwa kusona uMkhosi woMhlanga

Image: SITHUNYELWE

KUZOKWEHLISA umthwalo wezindleko ukwakhiwa kwesikhungo esiseNyokeni, KwaNongoma, esizosetshenziselwa izintombi ngesikhathi soMkhosi woMhlanga.

Lokhu kushiwo uMphathiswa wezebuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uMnuz Mntomuhle Khawula, okhulume ngezindleko athe beziba khona futhi zimba eqolo singakakhiwa lesi sikhungo. Ubekade ekhuluma kuleli sonto ngesikhathi ehambele kulesi sikhungo ukuyobheka ukuthi ngabe sesikulungele yini ukubhekana nalo msebenzi woMkhosi woMhlanga.

Ubehambisana noMphathiswa wezemiSebenzi yoMphakathi kanye neNgqalasizinda esifundazweni, uMnuz Martin Meyer.

UKhawula uthe phambilini ibiba ningi kakhulu imali ebisetshenziswa kuqashwa amatende. Uthe lezo zindleko bekumele zithwalwe uMnyango wezamaSiko namaCiko minyaka yonke.

Uveze ukuthi yingakho kwagcina sekuba nombono wokuthi kube nesakhiwo salolu hlobo.

"Iqiniso ukuthi beyiningi kakhulu imali ebesiyikhipha ngenxa yokuthi besiqasha amatende amaningi uma kuza lo mkhosi. Kulokhu uzoke uthi ukwehla kancane umthwalo ngoba izindleko ngeke zibe nkulu," usho kanje.

Uthe kumhlabe umxhwele kakhulu lo msebenzi ufinyelela kulesi sigaba osukusona manje. Uthe lo msebenzi kwaqalwa ukubhungwa ngawo kusekhona iSilo esesabuza, uMdlokombane.

"Kuyangijabulisa ukuthi namhlanje lokhu okwakhulunywa ngakho noMdlokombane kuyenzeka." 

Udalule ukuthi bagcine besebenzisa imali enguR154 million ukuphothula lesi sakhiwo kodwa uthe babekade behlele uR140 million.

"Uyabonake ukuthi ngeke ufike usebenzise imali eningi kangaka kodwa bese kuba uwena futhi oqhubekayo nokuqasha amatende amaningi.''

UMeyer uncome kakhulu ukudaleka kwamathuba omsebenzi ngenxa yalo msebenzi. Ushayele ihlombe abakwa-Enza, okuyibona ababenikwe umsebenzi wokwakha.

Uthe bafuna ukuthi iKwaZulu-Natal ibe nezakhiwo zeqophelo eliphezulu.