Izindaba

Kuzokhulunywa ngokuhlukunyezwa kwabesilisa

Zimbili Vilakazi|Published

UDABA lokuhlukunyezwa kwamadoda ngabathandiweyo bawo akukutholi ukunakwa okwanele ezweni.

Lona wumbono kaMnuz Sphelele Dhlamini oyisishoshovu esilwa nalolu hlobo lokuhlukunyezwa kwamadoda.

UDhlamini ukusho lokhu echaza ngomcimbi lapho kuzosina kudedelane khona izikhulumi ezehlukene ngalolu hlobo lokuhlukumeza.

Lo mcimbi uzokwenziwa Ethekwini Community Church ngoMashi 26.

Uthe kulindeleke ukuthi kube khona izikhulumi ezahlukene ezizobe zizodingida lolu daba ngaphansi kwezihloko ezahlukene.

Phakathi kwezihambeli, uthe kuzobe kukhona abagilwa bechaza ngabadlule kukho, amaphoyisa ezochaza ngokufanele umuntu ozithola ehlukunyezwa akwenze ukuze asizakale, aboMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo nabo bezochaza okuqondene nomnyango wabo kanjalo nosonhlalakahle nabezempilo.

“Kubalulekile ukuthi sithathe abavela kuzo zonke lezi zinhlaka sibahlanganise ngaphansi kophahla olulodwa, idingidwe indaba yokuhlukunyezwa kwabantu besilisa ngoba yize noma kungakhulunywa ngakho kakhulu kodwa nabo bayazithola bayahlukumezeka,” kusho uDhlamini.

Uthe yikho kuye kubonakale abanye abantu besilisa begcina bezibulala noma babulale labo abathandana nabo ngoba abavulelwa inkundla yokuthi bakhiphe okungaphakathi kubo mayelana nokuhlukumezeka abakutholayo ebudlelwaneni.

“Iqiniso lithi nabo bayahlukumezeka kodwa olwabo udaba akukhulunywa ngalo kakhulu njengoba kwenzeka uma kukhulunywa ngokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane. Siyadinga ukuthi sibavulele nabo ithuba abesilisa sizame ukwehlisa lezi zigameko zodlame lobulili esizibona zidlangile eNingizimu Afrika,” kusho uDhlamini.

Uthe njengoba bezokwenza le nkundla okokuqala ngqa, bahlose ukuthi iqhubeke njalo inyanga nenyanga. Uthe bafuna ukuyikhulisa futhi ngokuqhubeka kwesikhathi, igcine isabalala iNingizimu Afrika yonke.

Uthe le nkulumo ivuleleke kubantu besilisa kuphela kanti wonke umuntu wesilisa uvumelekile ukuthi abe yingxenye yayo.