Kuzojeza abaningi ngelephoyisa ebelishayela imoto engenasicabha
Image: Screenshot
USEKHIPHE umyalelo wokuba lithathelwe izinyathelo ezinqala ngokuphuthuma iphoyisa elibonakale emgwaqweni lishayela imoto yamaphoyisa engekho esimeni, uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.
UMkhwanazi ukhipha lo myalelo nje isabalale ezinkundleni zokuxhumana ivideo ebiveza leli phoyisa lishayela imoto ebingenaso isicabha esandleni sokudla. Yize le video iqale ukusabalala kakhulu ezinkundleni zokuxhumana ngoMsombuluko, kodwa kuyavela ukuthi ibithathwe ngeSonto. Kuvela ukuthi le moto igcine seyibandakanyeka engozini njengoba ishayisane netekisi eDurban North.
Umshayeli wale moto kuvela ukuthi bekuyiphoyisa lesifazane, kuze kwadingeka ukuba alekelelwe atakulwe ngaphakathi emotweni. UMkhwanazi uthe le moto bekumele ibuyiselwe esiteshini samaphoyisa uma kubonakala ukuthi ikulesi simo.
Ukhale ngokuthi nelinye iphoyisa libeke engcupheni impilo yalo futhi ladicilela phansi isithunzi samaphoyisa seliqala phansi nalo lishayela le moto.
Yize noma le moto bese ikhashwa ngezinye izimoto ezinamaBlue light kodwa uMkhwanazi uthe iqiniso wukuthi leya moto ayikufanele nje nhlobo ukuba semgwaqweni.
"Senza konke okusemandleni ngenhloso yokuvikela isithunzi samaphoyisa KwaZulu-Natal. Senza konke okusemandleni ukuze umphakathi uqale phansi usethembe,'' usho kanje.
Ugcizelele kakhulu ukuthi ubuholi obuphezulu bamaphoyisa KwaZulu-Natal ngeke buthule bugoqe izandla bubukele kwenzeka izinto ezidicilela phansi isithunzi salo mbutho. Uthe bonke ababandakanyekayo ekutheni bavumele ukuthi imoto yalolu hlobo igcine ibe semgwaqweni kumele baphendule ukuthi lokhu kwenzeke kanjani.
''Loyo okunguyena obeshayela imoto, yiloyo ongaphezulu onikezele umyalelo wokuthi ingasetshenziswa imoto ekulesiya simo kanjalo nanoma ubani nje okuzovela ukuthi igama lakhe liyabandakanyeka kulokhu kumele ajeze.''
Uthe umbutho wamaphoyisa uqikekela ukuphepha hhayi ukuthi kube yiwona odala izinkinga nezingozi emphakathini.
Related Topics: