Mbali Khanyile
ZIZOHLOLWA amehlo izaguga zaseMlaza emkhankasweni wokuqwashisa abantu ngokunakekelwa kwamehlo.
Lo mkhankaso we-Eye Care Awareness ogujwa kusukela kuSepthemba 21 kuya ku-Okthoba 18, uzoba sehholo lomphakathi esigcemeni sakwa-D kuleli lokishi ngoMgqibelo ngo-9 ekuseni.
UMnuz France Nxumalo we-UKZN School of Optometry, uthe inhloso yesikhungo wukusondela kubantu bomphakathi nokuphonsa esivaneni lapho bengalekelela khona.
“Njengoba kungebona bonke abantu abanemali yokuhlinzwa inkungu emehlweni, sifuna ukubuyisa ithemba kulabo abantulayo, bakwazi nabo ukusizakala. Sibheke ikakhulukazi abasuka eminyakeni engu-45 kuya kwengaphezulu,” kuchaza uNxumalo.
Uthe zingu-28 izitshudeni zase-UKZN ezenza unyaka wokugcina weziqu zobudokotela ezizobe zilekelela labo asebeqashwe ngokuphelele nabazisebenzayo, abazobe bexilonga abadala.
Phakathi kwezibhedlela athe ziyingxenye yomkhankaso, ubale iMcCord eseThekwini nePrince Mshiyeni Memorial eMlaza.
UMnuz Phumlani Dube wePhumlani Foundation ongumgqugquzeli womkhankaso, uthe bahlose ukuhambela zonke izindawo zaseThekwini baphinde badlulele nakwezinye izindawo zaKwaZulu-Natal.
“Sihlele ukuthi abantu abazohambela umkhankaso baphinde bahlolwe izifo ezifana nesikashukela nephika. Sibheke ukusiza isibalo sabantu abangu-200 okwamanje ngenxa yemigomo okumele siyihloniphe yeCovid-19,” kubeka uDube.