UMBHALI, umshicileli wezincwadi nomhleli wemicimbi, uMuntomuhle Mcambi
Image: SITHUNYELWE
UKUFISA ukuba neqhaza lokuthuthukisa ababhali abasafufusa nokusiza asebechumile ngamasu ezindlela ezahlukile kwabakujwayele ukuya phambili, yizona zinto ezikhuthaze umbhali nomshicileli wezincwadi, uMuntomuhle Mcambi, ukwenza into ehlukile, nezokwenza kuvaleke igebe phakathi kwababhali abasafufusa nasebechumile.
UMcambi ongumnikazi wenkampani eshicilela izincwadi futhi ihlele nemicimbi, Iziko Art Company and Publishers, usho njalo ngesikhathi exoxa neSolezwe Ngempelasonto ngomcimbi azowenza ngeSonto, e-Albany Hotel, eThekwini, ngo-11 ekuseni, wokwethula Iziko Art International Book Fair, umbuthwano wokucobelana ngezokubhala izincwadi ozoba ngoSepthemba 5 kuya ku-11.
Uthe wenze ngenhloso ukuthi kuqondane usuku lokwethula lo mcimbi lube ngaleli Sonto, okuzobe kuyi-Africa Day, usuku lokugubha nokuqhakambisa izimiso nendlela yokwenza yesintu, olugujwa emazweni ehlukene ase-Afrika - ngenxa yokuthi naye uyiciko elikhonze ukubhala ngesiZulu, yingakho eqondanise lokho nesikhathi esiqhakambisa ubu-Afrika.
“Ngenxa yamava eminyaka eminingi ngikhona kule ndima yezobuciko, ngiqaphele ukuthi ababhali abaningi abagqami futhi abachumi ngendlela abafisa ngayo, yingakho sizokwethula lo mcimbi omkhulu kangaka nesihlose ngawo ukuthi sinikezele ngezimfundizo namasu okucobela amaciko ngokuningi kokuwasiza achumise imisebenzi yawo,” kusho uMcambi.
Uthe ngeSonto bazobe begabe ngezikhulumi ezahlukene ukwandulela umcimbi omkhulu okukhona kuzona uNksz Hlengiwe Ngcongo woMnyango wezemiDlalo, wubuCiko namaSiko, Nksz Lungi Mtetwa wenhlangano yabesifazane abangababhali i-KWAF, uMnuz Nkosenhle Zibani wenhlangano yababhali Usiba, isazi somlando wakwaZulu, uMnuz Khaya Ndwandwe, uDkt Ngami Pewa noSolwazi Sihawukele Ngubane be-UKZN.
UMBHALI, umshicileli wezincwadi nomhleli wemicimbi, uMuntomuhle Mcamb
Image: SITHUNYELWE
“Okuhle futhi ngalokhu wukuthi kuzobe kungenwa mahhala ngoba sizama ukuthi wonke umuntu azizwe emukelekile, engavinjwa wukuthi akanamali - ngoba kukhulu kakhulu okuhle okuzozuzwa ngabazohambela lo mcimbi. Sikhuthaza abantu ukuqhubeka babhalise ukuza emcimbini wethu wangeSonto enombolweni ethi: 081 861 8547,” kusho yena.
Amagalelo kaMcambi ayaziwa endimeni yezobuciko njengoba enkampanini yakhe isishicilele izincwadi ezingaphezu kwa-50 zababhali abehlukene, kubalwa nezimbalwa ezisetshenziswa ngaboMnyango wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko.
Kanti futhi ungomunye wababhala umdlalo womoya owawusakazwa oKhozini FM osihloko sithi Buchitheka Bugayiwe, nosakazwayo kumanje osihloko sithi Isinqumo obhalwe wuMandla Ndlovu, Ntandoyaphezulu Kunene, Jabulani Jali, Yenziwe Sithole noLerato Tooe. Kulowo wamanye uMcambi uyi-storyliner, ebambisene noScelo Gasa.