KUZOFUNDISWA izingane ngezincwadi zentatheli yeSolezwe ezibhalwe ngolimi lwesiZulu okuzokwenza kube lula kubazali ngalesi sikhathi sikathaqa eNingizimu Afrika.
Izincwadi zikaNksz Zanele Mthethwa ongumbhali wodumo lwencwadi ethi Divorce Breaking The Silence, zikhethwe zabantathu yinhlangano yababhali iMacMillan ukuze zifundise izingane ngolimi lwesiZulu.
Lezi zincwadi okubalwa ICebo likaSinothi, UZekhethelo nethi Isipho sikathunjana zizogqugquzela ukusetshenziswa kolimi lwebele ezinganeni nabazali. Zonke lezi zincwadi sezifakwe ngaphansi kohlu lwezincwadi ezizodayiswa ngaphansi kwale nhlangano.
Okwenza zehluke kweziningi wukuthi zizokwazi nokuthi zifundiswe izingane ezenza amakilasi ahlukene okubalwa uGrade 4, 5, 6 no-7.
Kuningi uNksz Mthethwa athi ukuzuzile ngokubhala lezi zincwadi njengoba kuyizincwadi zakhe zokuqala ngqa eziphathelene nezingane.
“Ngacelwa omunye wabasebenza khona, ngaqale ngaba nokungabaza ngoba bengingakaze ngibhale izincwadi zezingane. Kodwa bangicathulisa bangifundisa ukuthi zibhalwa kanjani. Ngizuze okuningi ngagcina sengibhala ezinhlanu. Izincwadi zezingane zihlukile ngoba zihambisana nezithombe okuyinto ebengiyiqala ngqa. IsiZulu bekufanele singaqini kakhulu, kube wulimi olulula ezizosheshe ziluzwe,” kusho uNksz Mthethwa.
Eqhuba uthe lezi zincwadi zizoshiya izingane nezifundo ngezinto ezahlukene njengoba iCebo likaSinothi lifundisa ngemvelo nokunakekelwa kwayo okubalwa nezilwane. Isipho Sikathunjana sona sigxile enganeni eyintandane.
Yize okwamanje lezi zincwadi zisatholakala kwi- internet kodwa uma kudlula uthaqa zizotholakala nabantu abazidingayo bazithunyelelwe.
“Abazali nezingane bayakwazi ukungena bafunde kwi-website ngoba kugqugquzelwa ukuthi izingane zifunde ngolimi lwazo. Lezi zincwadi zinesifundo futhi zizosiza ukuthi zikwazi nokufunda ngolimi lwebele njengoba kunenkinga yokuthi isikhathi esiningi izingane zihlala zifunda ngesiNgisi. Benze umsebenzi oncomekayo abakaMacMillan ukuze izingane zibe zikwazi ukufunda ngesikhathi sikathaqa,” kusho uNksz Mthethwa.
Ephetha uthe ngaphandle kwalezi zincwadi zikhona nezinye ezimbili azikhiphe ngaphansi kweMacMillan ezikhuluma ngezimo ezahlukene zempilo nezizokwakha izingane.
Enye yalezi zincwadi ithi Ngeke Ngiphinde, yona ikhuluma kakhulu ngokukhulelwa kwezingane zamantombazane zisencane, okuyincwadi engasiza abazali abaningi ukuqala izinkulumo ezakhaya nezingane zabo.
Abazali sebengazithola lezi zincwadi ku-www.macmillan.co.za ungena ubheke uhlu lwalezi zincwadi kanti zikhona nezinye ezifakiwe.