UKUQUBUKA kweCovid-19 kuveze obala ukungalingani kwabantu ikakhulukazi kwezobuchwepheshe, kulindeleke ukuthi iselula entsha eNingizimu Afrika i-itel Vision 1 Pro ikushintshe lokhu.
Esitatimendeni esithunyelwe kwabezindaba abakwaTransision Holdings, kuvela ukuthi iningi labafundi baseNingizimu Afrika alikwazi ukuthenga amaselula njengoba livela emakhaya ampofu.
Kuvela ukuthi ngesikhathi abanye abafundi befundela emakhaya, abangenawo amaselula bebengakwazi ukungena online ukuze bathole izifundo.
AbakwaTranssiion bathe bazokushintsha lokhu ngokuletha amaselula angambi eqolo.
Kule nyanga iTransision izokwethula iselula yayo yakwa itel mobile ebizwa ngeVision 1 Pro.
Le selula kuthiwa inabo bonke ubuchwepheshe besimanje yize izobiza uR1 699 uma iqhathaniswa namanye amaselula anobuchwepheshe obufanayo.
Phakathi kwezinto enazo kubalwa iscreen seHD+ esiwu 6.5 inches, Unisoc CPU 4GLTE, i-storage esiwu-32GB ne-2GB RAM, ikhamera ewu-8MP+QVGA rear camera ne-5MP front camera. Iyavuleka ngokuveza ubuso bakho nangamanyela eminwe.
Bathe le selula izojatshulelwa kakhulu abantu abasha ababizwa ngeGen Z abenza u27.5 million wabantu baseNingizimu Afrika nama-millenials enza u14 million wabantu bakuleli.
Le nkampani ithe ingenisa kakhulu emazweni angaphansi kweBrics ukuqinisekisa ukuthi wonke umuntu uyingxenye yezobuchwepheshe besimanje.
Bathembise ukuthi abantu abasha baseNingizimu Afrika akade besele ngaphandle kwezobuchwepheshe besimanje bazokwazi ukuba yingxenye yezobuchwepheshe njengozakwabo base-India nakwamanye amazwe.