BONISWA MOHALE
IZINYUNYANA zicela uNgqongqoshe wezaMandla nokuMbiwayo, uMnuz Gwede Mantashe, ukuba angenelele odabeni lokudilizwa kwabasebenzi ePetroSA.
Isolezwe lithole ukuthi bangaphezu kuka-850 abasebenzi abazodilizwa ePetroSA, njengoba inkampani ikhala ngezinkinga zemali.
Izinyunyana okuyiNational Union of Metalworkers of South Africa (Numsa), neChemical Energy Paper Printing Wood and Allied Workers Union (Ceppawu), zithi kufanele uMantashe akumise ukudilizwa kwabasebenzi ePetroSA nakwezinye izinkampani zika-oyela ezisebenzela kuleli.
Ziveze ukuthi iPetroSA ikhala nangokushoda kwegesi eyenziwa yinkampani nokuyindlela eyenza ngayo imali.
UNobhala Jikelele weNumsa, uMnuz Irvin Jim, uthi miningi imisebenzi ezophela emkhakheni ka-oyela ngoba izinkampani eziwuhluzayo seziqalile ukuvala izimboni kuleli ngoba zihlela ukuya kwamanye amazwe. Uthe kufanele uMantashe angenelele manje, isimo singakabi sibi kakhulu.
“Sicela uhulumeni wakuleli ikakhulu uNgqongqoshe uMantashe ukuba angenelele avikele imisebenzi, yabasebenza embonini ehluza u-oyela. Kufanele akumise ukudilizwa kwabasebenzi ezinkampanini ezihluza u-oyela. Alwe nomkhuba wokusetshenziswa budlabha kwamalayisensi,” kunxusa uJim.
Esitatimendeni esithunyelwe kwabezindaba uMnuz Mhlangabezi Chinaman Melani, weCeppawu, ugxeke ukukhishwa kwezincwadi zokudiliza abasebenzi ePetroSA, wathi kujeziswa abasebenzi ngezinqumo zabaphathi abahlulekile wukushintsha isimo senkampani kahulumeni.
Ucele uMantashe ukuthi alusukumele udaba ngoba izinyunyana kade zizama ukukhuluma nobuholi bePetroSA, emuva kokuphuma kohlelo lokuthi kufanele bulungise isimo enkampanini kodwa azikaze zilalelwe.
Uthe bazophoqeleka beyizinyunyana ukuthi bafake isicelo sokuthi kuhlengwe iPetroSA (business rescue), uma isimo siqhubeka nokuba njena. Uveze ukuthi iNingizimu Afrika inezimboni eziyisithuba ezihluza u-oyela, ngosuku iyakwazi ukuhluza imiphongolo ewu-700 000 kodwa ihluza ewu-400 000 ngenxa yokuguga kwengqalasizinda.