I-ANC inqume ukunikeza amalungu abhekene namacala elinye isonto ukuthi azehlele ezikhundleni. Namhlanje bekulindeleke ukuthi kube nesimemezelo ngamalungu ale nhlangano asehoxile ezikhundleni zawo ngenxa yokubhekana namacala kodwa lokho sekuhlehliselwe isonto elizayo.
Lawa malungu abenikezwe izinsuku ezingu-30.
Engxoxweni ne-Independent Media okhulumela i-ANC uMnuz Pule Mabe uthe abanalo usuku nesikhathi okuzoshenxa ngalo lawa malungu kodwa uhlu oluphelele lwalabo okumele bahoxe ezikhundleni zabo lukuNobhala-jikelele uMnuz Ace Magashule.
Uthe bazoba nomhlahlandlela ngalolu daba ngemuva kwemihlangano yobuholi obuphezulu be-ANC.
Ngo-Epreli 19 nonyaka unobhala we-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Mdumiseni Ntuli waveza ukuthi sebehambise amagama abawu-13 okumele bashenxe. UNtuli akawavezanga amagama abaholi okumele bashenxe kodwa wadalula ukuthi babhekene namacala okudlwengula, ukubulala, inkohlakalo, ukuntshontsha impahla, ukushayela bephuzile, ukweba, ukuphatha izibhamu ezingekho emthethweni kanye namacala okukhwabanisa imali yesibonelelo sezingane.
Waveza ukuthi abaningi abaseNewcastle naseThekwini.