KUZOCACA namhlanje ukuthi zizovulwa noma ngeke zivulwe izikole kuleli njengoba kuhlasele isivuvu sesibili seCovid-19.
Lokhu kungemuva kwesiphakamiso sezinyunyana zothisha sokuthi kuhlehliswe ukuvulwa kwezikole, kuze kwenziwe ucwaningo lokuthi zikhona zonke izinsiza zokulwa nalolu bhubhane nokuthi sekuphephile ukuthi izikole zivulwe.
Izolo kusabalale imibiko yokuthi umnyango wemfundo eyisisekelo uzophakamisa ukuthi izikole zivulwe emuva kwamasonto amabili kwiNational Command Council.
Othisha kumele babuyele ezikoleni ngoJanuwari 25, bese abafundi babuyele ngoJanuwari 27.
Uma kungukuthi isiphakamiso siyaphasiswa, lokhu kuyosho ukuthi izikole zizoze zivulwe ngenyanga ezayo. Kule mibiko yayizolo kuthiwa noma kuzophakanyiswa ukuthi abafundi babuyele ngenyanga ezayo ezikoleni, kodwa othisha kumele babuyele ngoJanuwari 25, ukuze balungiselele ukubuya kwabafundi.
UNobhala Jikelele weNatu uNksz Cynthia Barnes, uthe babe nomhlangano noMqondisi jikelele walo mnyango uMnuz Mathanzima Mweli mayelana nokuvulwa kwezikole.
Uthe umnyango uphakamise ukuthi othisha bavule ngoJanuwari 25, bese abafundi basemabangeni aphansi baqhubeke bavule ngoJanuwari 27.
“Siyakuchitha ukuthi othisha babuyele ngoJanuwari 25, sithi nabo ababuye kanye nabafundi. Sithe emnyangweni sifuna ukuyoxoxa ngesiphakamiso sawo kodwa asihambisani nokuthi othisha babuyele, kanjalo nabafundi basemabangeni aphansi ngoba iCovid-19 idlangile,” kusho uNksz Barnes.
Uthe othisha abamakela umatric kumele banikwe ithuba lokuthi bagonqe ngoba kuyanda ukusuleleka kwabo ngegciwane ezikhungweni zokumaka.
“Uma bebuyela ezikoleni ngoJanuwari 25, bazobe begonqe nini ngoba kudingeka bazivalele endlini, ukuze bangasuleli abanye ozakwabo ngalolu bhubhane? Yingakho sithi uma kuhlehliswa ukuvulwa kwezikole akwenziwe kuwonke wonke.”
Umqondisi weNaptosa uMnuz Basil Manuel, uthe akuhlehliswe ukuvulwa kwezikole kuze kwehle izinga labasuleleka ngegciwane.
“Siwutshelile umnyango ukuthi kuhlehliswe okungenani ngezinsuku ezingu-14 ukuvulwa kwezikole. Sizolinda isinqumo somnyango ngalolu daba, ” kusho uMnuz Manuel.
Okhulumela umnyango uMnuz Elijah Mhlanga, uthe uNgqongqoshe walo Mnyango uNkk Angie Motshekga uzomemezela esithangamini sabezindaba namhlanje ngokuzokwenzeka mayelana nokuvulwa kwezikole.