Izindaba

Kuzobungazwa uWilson B Nkosi ngamagalelo kwezokusakaza

Charles Khuzwayo|Published

UWILSON B Nkosi uzothulelwa isigqoko esaphila kumaSA Voice Over Awards kulo nyaka

Image: FACEBOOK

INKAKHA yomsakazi weMetro FM, uWilson B Nkosi, izobungazwa isaphila kumaSouth African Voiceover Awards ngenxa yamagalelo ayo endimeni yezokusakaza. UWilson, osakaza uhlelo oluthi Sounds and Stuff Like That ngeSonto phakathi kuka-9 ekuseni no-12 emini, uzohlonishwa ngomklomelo iLifetime Achievement Award emcimbini ozoba seGoli ngo-Okthoba kulo nyaka.

Sikhuluma neSolezwe Ngempelasonto, lesi silomo sithe lo mklomelo usho izinto eziningi kuso.

"Uchaza ukuthi ngikwazile ukusebenza ngezipho engiphiwe zona. Ngiyabonga ngamathuba nezinkundla ebenginikezwa zona ukuze lesi sipho sesibenze. Lo mklomelo usho ukuthi imithandazo yami izwakele futhi yaphendulwa," kushaya ngezinqamulelayo lo msakazi oneminyaka ecela ku-40 eyibambile insimbi ishisa endimeni yezokusakaza njengoba aqala ngo-1986.

UWILSON B Nkosi uzobungazwa ngamagalelo akhe endimeni yezokusakaza kuleli

Image: SIGCINIWE

Ukholelwa ukuthi ukusebenza ngokuzikhandla nokuhlale ebhukula yikho okumenza ehlale isikhathi eside futhi engungqaphambili endimeni yokusakaza. Umengameli walo mqhudelwano wezindondo, uSinemivuyo Mpulu, uthe bakuthakasele kakhulu ukuchoma uphaphe lwegwalagwala ingqalabutho esizakhele ugazi kwizinkumbi zabantu. 

"Lona wumzuzu wokugubha hhayi imisebenzi yakhe kodwa ukubeka kwakhe induku ebandla okusaqhubeka nokukhuthaza abanye abeza ngemuva. Yingakho sifisa ukuhlanganyela nabantu baseNingizimu Afrika ebusukwini obungeke balibaleka," kuphetha uSinemivuyo. 

UWilson wazalelwa ePiet Retief, eMpumalanga, kodwa wakhulela eSwatini. Ukuba wumsakazi yiphupho elalivele limbusa. Emuva kokuphothula izifundo zakhe, wathola isimemo enhlanganweni yezokusakaza kuleli ukuba enze inhlolokhono njengoba kwakuzokwethulwa iRadio Metro, esiyiMetro FM.

Sekungumlando ukuthi uWilson waqashwa futhi akabange esabheka emuva njengoba esenze inqwaba yezinhlelo kulesi siteshi. Usebuya kolwasekuseni nolwantambama. Nakwithelevishini, useke wethula uhlelo oluthi Sidlalela Intsha - Sidlalela Ulusha, Jam Alley neStudio Mix, ebambela uBob Mabena uma esaxinwe ngeminye imisebenzi.

Ngaphandle kokusakaza nokunandisa emicimbini, uWilson ubuye asebenze kwinkampani yakhe iWilson B Nkosi Communications njenge-copywriter, abuye abhale futhi adidiyele izikhangiso zemisakazo nezethelevishini. Useneminyaka ecela kwewu-20 esebenza njenge-copywriter enkampanini iJ Walter Thompson. Ezinye izinkampani aseke wasebenza kuzo kubalwa iRubican and Ogilvy neMather. Uyaqhubeka nokusebenzela ezinye izinkampani njengombhali ne-voice over artist ezimele. Ikhono lakhe ligcine selimenza inxusa yeReliable Music Warehouse kangangoba abantu bagcine sebezitshela ukuthi uyena umnikazi wale nkampani yomculo.