UZOTSHALWA esithe ngokwesiko uNdlunkulu Mantfombi Shiyiwe Dlamini Zulu (65), okhothame eyiBambabukhosi lombuso kaZulu. Isilo esisanda kukhothama, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu, satshalwa ngokwemfihlo kodwa uhulumeni wasihlonipha ngenkonzo yomgcwabo wombuso ngokwesigaba sokuqala, lapho kwakukhona umengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa.
Umthombo upotshozile ukuthi isihlalo sobukhosi sisendlini yaKwaKhangelamankengane, futhi igama eliseqhulwini ngelikaMntwana uMisuzulu ozalwa wuNdlunkulu okhotheme. Umthombo osondelene namalungiselelo uthi kuzocishe kufane nokweSilo ukutshalwa kwakhe.
“Angithi, ngoba ubehleli esihlalweni vele uyiyo inkosi, kufanele abekwe ngendlela yakhona. Angase abekwe ngoLwesihlanu entathakusa uma konke kuhambe kahle. Silinde nohulumeni ukuthi asho ukuthi uzohlonishwa ngasiphi isigaba sokutshwalwa wumbuso,’’ kusho umthombo ozazi ukusuka nokuhla ezaseNdlunkulu.
Umthombo udalule ukuthi kunethimba laseNdlunkulu eliphume laphikelela eSwatini, liyobikela iNgonyama uMswati Wesithathu ngokusithela kukadadewabo. Kuthiwa kunezingxoxo nohulumeni wesifundazwe obona kufanele ahlonishwe ngendlela emfanele uNdlunkulu, sekuzolindwa umengameli wezwe. Ngesikhathi siloba belisahambile ithimba laseNdlunkulu laya eGoli, ukuyolanda uNdlunkulu lapho akhothamele khona esibhedlela eMilpark.
Phakathi kwabebezolila kufike iMeya yaKwaNongoma, uMnuz Albert Mncwango, omemezele ukuthi bewumkhandlu banqume ukuhlonipha uNdlunkulu ngokumisa eminye imisebenzi yomkhandlu kuze kwedlule ukutshalwa kwayo. UMncwango ubabaze amagalelo kaNdlunkulu ekuthuthukiseni amasiko, wathi bazohlala bemkhumbula abantu baKwaNongoma.
Okhulumela ihhovisi likaNdunankulu KwaZulu-Natal uMnuz Lennox Mabaso, uthi uhulumeni uzomemezela uma kukhona isinqumo esithathiwe ngokutshalwa kukaNdlunkulu. Akabange esafuna ukwanda kakhulu ngamaningi maqondana nalolu daba.