INHLANGANO engenzi nzuzo yaloyo owayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma, iJG Zuma Foundation, ithi angeke ludalulwe usuku uZuma azophuma ngalo esibhedlela.
Izwe limagange ukwazi ukuthi uZuma uzodedelwa nini esibhedlela njengoba esanda kukhululwa ngoshwele wokugula.
UZuma udedelwe ngoshwele wokugula ngesonto elidlule, esadonse izinyanga ezimbili zesigwebo sakhe sezinyanga ezingu-15 edonsa ejele ngecala lokwedelela umyalelo weNkantolo yoMthethosisekelo.
Kepha kuze kube manje ubengakafiki emzini wakhe oseNkandla, lapho kulindeleke ukuba amukelwe khona ngomgubho omkhulu.
Abalandeli bakhe bahlela imigubho yokubungaza ukukhululwa kwakhe ejele kepha akucaci ukuthi le migubho izobanjwa nini njengoba lungaziwa usuku uZuma azokhululwa ngalo esibhedlela.
Izolo, iJG Zuma Foundation ithe angeke ludalulwe usuku okuzodedelwa ngalo uZuma esibhedlela.
“Emva kokuthola imibuzo eminingi kwabezindaba, sifisa ukukubeka kucace ukuthi usuku okuzokhululwa ngalo uZuma esibhedlela angeke ludalulwe ngenxa yezizathu zokuphepha. Uma isikhathi sesivuma, sizokwenza ezinye izimemezelo,” kusho isitatimende sale nhlangano.
Kulindeleke ukuthi kube nemicimbi eyahlukene uma uZuma esebuyela emzini wakhe njengoba abalandeli bakhe sebephumele obala ngokuthi bayayihlela.
UZuma ubekade edonsa isigwebo sezinyanga ezingu-15 ejele eliseMtshezi ngecala lokushaya indiva umyalelo weNkantolo yoMthethosisekelo, owawumyalela ukuba ayophendula imibuzo phambi kwekhomishini ephenya izinsolo zokuLawulwa koMbuso yiDlanzana.
Ngesonto elidlule uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo umemezele ukuthi uZuma usenikezwe ushwele wokugula.
UZuma uthola ushwele wokugula nje besekuphele isikhathi esingaphezu kwamasonto amathathu engekho ejele njengoba ebelashwa esibhedlela esingaphandle kwalo.