BALUGUBHE ngokubhikishela imisebenzi uSuku lweNtsha, abantu abasha abagogodile kodwa abangasebenzi Isithombe: SITHUNYELWE
AYIKUBONI kuyisixazululo ukubhiyozela uSuku lweNtsha ekubeni ingasebenzi, intsha ebibuthene ngaphandle kwesikhungo i-UniZulu izolo ikhala ngokuncipha kwamathuba emisebenzi.
Le ntsha ebibalelwa ku-100 okuvele ukuthi iningi layo lifunde lagogoda emikhakheni eyehlukene ezikhungweni zemfundo ephakeme ezehlukene kulesi sifundazwe, beyiphakamise izingqwembe ezigxeka inqubo kahulumeni ekuqashweni kwentsha ikakhulu leyo esiphothule iziqu zayo.
Umgqugquzeli wemashi uMnuz Future Nkalanga oyisitshudeni e-UniZulu, uthe kuyinhlamba entsheni yanamuhla ukujabulela lolu suku njengoba ziningi izinselelo ebhekene nazo.
“Intsha yango-1976 yayilwela ukufunda ngokukhululeka. Yize iqhaza layo laba likhulu, kodwa intsha yanamhlanje akukho engakujabulela njengoba ifunda igogode kodwa iphinde iqhinqe emakhaya,” kusho uFuture.
Uthe imithetho wakuleli uyacindezela njengoba noma ngabe sewuqedile ukufunda, kunokuba uqashwe kuvele kufuneka amava yize kwaziwa ukuthi awukaze usebenze. Leli qeqebana belimi eceleni komgwaqo liphakamise lezi zingqwembe, abanye bebedlubhe amajazi emfundo ephakeme kanti iningi beligqoke izikibha zeqembu le-EFF.
Ngesikhathi ethula inkulumo yakhe kubungazwa usuku lwentsha enkundlendleni yezemidlalo iHarry Gwala izolo, uNdunankulu KwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala ugqugquzele abantu abasha abangasebenzi ukuthi bangalilahli ithemba.
“Siyayinxusa intsha ukuthi isebenzisane nohulumeni ukuzama ukuthola isixazululo kule nkinga. Siyakugcizelela ukuthi ukuqashwa kwentsha kumele kube seqhulwini kuyona yonke iminyango kahulumeni,” kusho uZikalala.
Uthe kunyaka wezimali odlule bakwazile ukweqa esibalweni sokudalwa kwamathuba emisebenzi esingu- 100 000 lesi sifundazwe ebesizibekele wona, abangu- 137 000 athe iningi lawo lidalwe amabhizinisi amancane.