OKLEBE bathi luyaqhubeka uphenyo ngokuwa kwebhange laseVenda, iVBS Mutual Bank okwadliwa kulo uR1.5 billion.
UBrigadier Hangwani Mulaudzi uthe ngeke bakwazi ukudalula imininingwane yophenyo lwabo emphakathini kodwa angakusho wukuthi uphenyo luyaqhubeka.
“Asikwazi ukudalula osekutholwe ngabaphenyi kodwa sizochazela umphakathi uma sekuphothulwe uphenyo,” kusho uMulaudzi.
Umlawuli wezindaba zeVBS, uMnuz Anoosh Rooplal, uthe akekho noyedwa ezikhulwini zaseVBS ozotholwa enecala ongeke ajeziswe ngoba luyalandelwa uphenyo.
Uveze ukuthi ngoLwesihlanu iJaji Keoagile Matojane, lithe aluqhubeke uhlelo lokudla impahla yowayebhekelele ukusebenza kweVBS uMnuz Robert Madzonga ukuze kubuyiswe uR1.5 billion owahamba kuleli bhange.
Uthe bawu-14 omasipala abacwilelwa yimali eVBS nabantu abangaphezu kuka-20 000 ababelondoloza imali yabo.
UMotojane uthe kufanele luqhubeke uhlelo kuthathwe impahla kaMadzonga, ekaMnuz Andile Ramavhunga owayeyisikhulu esiphezulu eVBS nenkosikazi yakhe uNkk Zanele Ramavhunga.
Laba babefake isicelo sokuthi lumiswe lolu hlelo kodwa ngoLwesihlanu sichithiwe isicelo sabo kwathiwa kufanele bakhokhele nezindleko zecala.
URooplal uthe uyajabula ngesinqumo senkantolo ngoba simnika amandla okuqalisa uhlelo lokubuyisa imali eyathathwa kuleli bhange.
“Njengomlawuli nginawo amandla okubuyisa imali eyebiwe eVBS ngokuthi ngithathe impahla yababeyizikhulu ngoba abawenzanga umsebenzi wabo. Sizobalandela bonke okutholakala ukuthi babedla imali yaseVBS ngoba kufanele ibuyele kubantu.
“Siyazi ukuthi abantu baseNingizimu Afrika bakhathele wukulinda ubulungiswa kodwa ngiyathembisa ukuthi asihleli siyabalandelela abantu.
“Uphenyo lwethu siyaludlulisela emaphoyiseni ukuze kushushiswe abanamacala,” kusho uRooplal.
Ucele abakweleta iVBS ukuthi baqhubeke nokukhokha imali abayikweleta leli bhange ngoba kuyicala ukungayikhokhi.