MHLENGI SHANGASE
KUQALWA kuleli sonto ukugonyelwa iCovid-19 kothisha KwaZulu-Natal njengoba kulindeleke ukuthi kufike imigomo engu-110 400 yakwaJohnson&Johnson.
Lokhu kumenyezelwe nguNdunankulu wesifundazwe, uMnuz Sihle Zikalala, izolo ekhuluma esithangamini sabezindaba lapho ethe kuzovulwa nezinye izikhungo ezingu-21 zokugoma.
Uthe ezinye zezifunda zizovula ezinye izikhungo zokugoma kanti ezinye zivele zinazo ukuze othisha bakwazi ukuyogoma.
Ubalule nokuthi basabheka nokuth iizikhungo zivulwe nangezimpelasonto ngoba othisha basebenza kusuka ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu.
“Sikhathazekile ngokuthi ezikoleni ezimbalwa siyanda isibalo sabafundi abatheleleka ngegciwane. Esinye sezikole saseMzinyathi, kubikwe ngoLwesihlanu ukuthi abafundi abangu-16 batholakale ukuthi banegciwane. Kanjalo nasesikoleni esisoThukela kubikwe ukuthi bangu-15 abafundi abatholakale ukuthi benalo,” kusho uZikalala.
UNgqongqoshe wezeMpilo esifundazweni, uNksz Nomagugu Simelane, uthe bazogoma bonke othisha kodwa bazoqala ngalabo abanezifo ezingamahlalakhona.
Uthe kusahlelwa indlela lolu hlelo oluzohamba ngayo wathi othisha bazozwa ngomnyango wezemfundo ukuthi kumele baye kuphi nokutih baye nini ukuyogoma.
“Sinxusa othisha ukuthi bangaphumi bonke bayogoma, bazozwa ngomnyango wezemfundo ngoba uhlelo lusasetshenzwa. Asifuni ukuthi kuphazamiseke ukufunda nokufundisa yingakho singafuni ukuthi othisha baphume bonke ngesikhathi esisodwa bayogoma.
“Sisabheka ukuthi ezinye izikole azikho yini eduzane nendawo okugonyelwa kuyona ukuze kube lula ukuthi othisha baye ngosuku oluyoshiwo ngumnyango wezemfundo.”
Kwenzeka lokhu nje izinyunyana zothisha zifuna othisha bagonywe ngokushesha njengoba noMnyango weMfundo eyisiSekelo uhlela ukuthi ngoJulayi 26 babuyele bonke abafundi basemabangeni aphansi ezikoleni.